Skip to Content

"bamyisa"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:38

Base behla uSadoki umpristi , noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti , bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.

1 uSamuweli 1:25

Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli.

1 uSamuweli 30:11

Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi;

AbAhluleli 1:7

Wayesethi u -Adoni Bezeki : Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwa wo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi . Bamyisa eJerusalema, wafela khona.

IzEnzo 17:19

Base bemthatha, bamyisa e-Areyophagu, bethi: Ungesazise ukuthi siyini lesi sifundiso esisha esikhulunywa nguwe na?

IzEnzo 18:12

Kwathi uGaliyu engumbusi wase -Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,

IzEnzo 6:12

bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini;

IzEnzo 9:39

Wayesesuka uPetru , wahamba nabo . Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala , bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

IzEnzo 9:8

USawulu wayesevuka phansi ; kepha esevulile amehlo akhe , kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku.

NgokukaJohane 18:13

baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka.

NgokukaJohane 9:13

Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe.

NgokukaLuka 22:66

Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,

UJeremiya 26:23

Bamkhipha u -Uriya eGibithe , bamyisa enkosini uJehoyakimi eyambulala ngenkemba, yasilahla isidumbu sakhe emathuneni abantukazana.

UNumeri 15:33

Abamfumana ethez a izinkuni bamyisa kuMose naku -Aroni nakuyo yonke inhlangano.