Skip to Content

"bani"

22 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 24:14

Inkosi yakwa -Israyeli iphumele ukulandela bani na ? Uxosha bani na ? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.

1 uSamuweli 28:11

Wayesethi owesifazane : Ngiyakukwenyusela bani na ? Wathi: Ngenyusele uSamuweli.

2 AmaKhosi 18:20

Wena uyakhuluma , kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile, na?

2 AmaKhosi 19:22

Weyise bani, wathuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho , wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!

2 uSamuweli 16:19

Futhi ngikhonze bani n a? Kungabi phambi kwendodana yakhe na ? Njengalokho ngakhonza phambi kukayihlo , kanjalo ngiyakuba phambi kwakho.

AmaHubo 27:1

UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami ; ngizakwesaba bani na ? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?

NgokukaJohane 12:38

ukuba izwi lika -Isaya umprofethi ligcwaliseke , alikhuluma lokuthi: Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na ? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?

NgokukaJohane 20:15

UJesu wathi kuye: Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na ? Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye : Nkosi, uma umsusile , ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.

NgokukaJohane 8:53

Wena umkhulu yini kunobaba u -Abrahama osewafa na ? Nabaprofethi sebafa. Uzenza bani na?

NgokukaLuka 18:26

Abezwayo base bethi: Pho, kungasindiswa bani na?

NgokukaMarku 10:26

Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: Pho, kungasindiswa bani na?

NgokukaMathewu 19:25

Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: Pho, kungasindiswa bani na?

NgokukaMathewu 27:17

Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo : Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?

U-Isaya 28:9

Ngubani ayakumfundisa ukwazi , aqondise bani umbiko , na? Yibo abalunyuliweyo obisini, basuswa emabeleni, na?

U-Isaya 36:5

Wena uyakhuluma , kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile na?

U-Isaya 37:23

Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho , wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!

U-Isaya 53:1

Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaJehova yambulelwa bani na?

U-Isaya 57:4

Nidlala nobani , nikhamisela bani umlomo , ninyalizela bani , na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,

U-Isaya 6:8

Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi : Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na? Ngase ngithi: Bheka, nangu mina; ngithume mina.

UHezekeli 32:19

Udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe phakathi kwabangasokile.

UJobe 25:3

Ukhona yini ongabala izimpi zakhe, nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?

UmShumayeli 4:8

Kukhona oyedwa , kanaye owesibili , yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na? Nalokho kuyize nenhlupheko embi.