Skip to Content

"baningi"

39 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 4:20

OJuda no -Israyeli babe baningi ngangesihlaba thi solwandle ngobuningi , bedla, bephuza, bejabula.

1 kaJohane 4:1

Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya , kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini ; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

1 kwabaseKorinte 11:30

Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo , nabaningana balele.

1 kwabaseKorinte 16:9

ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.

2 AmaKhosi 6:16

Wathi: Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.

2 iziKronike 30:17

Ngokuba babe baningi ebandleni ababengazingcwelisanga ; amaLevi ayephezu kokuhlatshwa kwamaphasika abo bonke ababengahlambulukile ukuba abangcwelisele uJehova.

AbAhluleli 7:2

UJehova wathi kuGideyoni : Abantu abanawe baningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sabo , funa u-Israyeli aziqhenye ngakimi ngokuthi: Isandla sami singisindisile.

AbAhluleli 7:4

UJehova wathi kuGideyoni : Abantu base baningi ; behlisele ngasemanzini , ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: Lo uzakuhamba nawe , yena aha mbe nawe ; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: Lo akayikuhamba nawe, yena akayikuhamba.

AmaHubo 119:157

Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi ; kepha ebufakazini bakho angichezuki.

AmaHubo 38:19

Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze.

AmaHubo 3:1

Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.

AmaHubo 3:2

Baningi abathi emphefumulweni wami : Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu. Sela

AmaHubo 4:6

Baningi abathi : Ngubani oyakusibonisa okuhle na ? Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.

AmaHubo 55:18

Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula , bangasondeli kimi , ngokuba baningi abamelene nami.

AmaHubo 56:2

Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke ; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

AmaHubo 69:4

Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami ; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici ; nengingakuphanganga ngakubuyisela.

IzAga 19:6

Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho.

IzAga 31:29

Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.

IzEnzo 7:17

Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku - Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe,

KuThithu 1:10

Ngokuba baningi abangal aleliyo abakhuluma ize , nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,

KumaHeberu 7:23

Kulabo-ke baba baningi ababekwa babe ngabapristi , ngokuba bathiyeka ngenxa yokufa ukuba baqhube njalo;

KwabaseGalathiya 4:27

Ngokuba kulotshiwe ukuthi : Thokoza wena nyumba ongazaliyo ; mpompoloza wena ongenamihelo; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabakhe onendoda.

NgokukaLuka 10:24

Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga. Umfanekiso womSamariya onesihawu (Math. 22:34; Mark. 12:28)

NgokukaMarku 2:15

Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe , abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela.

NgokukaMarku 6:31

Wayesethi kubo : Zanini nina nodwa endaweni eyih lane, niphumule ingcosana. Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo , abaze bathola nasikhathi sokudla.

NgokukaMathewu 13:17

Ngokuba ngiqinisile ngithi kini : Baningi abaprofethi na balungileyo ababefisa ukubona enikubonayo , abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo , abakuzwanga.

NgokukaMathewu 22:14

Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo. Intela kaKesari (Mark. 12:13; Luk. 20:19)

NgokukaMathewu 7:13

Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.

U-Eksodusi 1:20

UNkulunkulu wabenzela ababelethisi okuhle ; abantu banda, baba baningi kakhulu.

U-Eksodusi 1:7

Abantwana bakwa -Israyeli bazala , bachuma, banda, baba baningi ; izwe lagcwala bona. Abakwa-Israyeli baphenduka izigqila

U-Eksodusi 1:9

Yathi kubantu bayo : Bhekani, abantu babantwana bakwa -Israyeli baningi , futhi banamandla kunathi;

U-Ezra 10:13

Kepha abantu baningi , futhi kuyisikhathi semvula enkulu , asinakuma phandle, futhi lo msebenzi awusiwo walusuku lunye nowezimbili , ngokuba siphambukile kakhulu ngale ndaba.

U-Isaya 54:1

Jabula wena nyumba , wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela , umemeze wena ongabanga namihelo , ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda, usho uJehova.

U-Isaya 66:16

Ngokuba uJehova uyakwahlulel a inyama yonke ngomlilo nangenkemba ; ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.

UGenesise 48:16

ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana ; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o -Abrahama no -Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.

UHezekeli 22:25

Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango ; badlile imiphefumulo , bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.

UJeremiya 30:19

Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo ; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.

UJoshuwa 10:11

Kwathi besabalekela u -Israyeli behla eBeti Horoni , uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu , ehla ezulwini , baze bafika e -Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.

UNumeri 13:18

nibone izwe ukuthi linjani , nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini,