Skip to Content

"baphuza"

17 occurrences in ZUL

1 iziKronike 29:22

badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu . Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.

1 kwabaseKorinte 10:4

bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.

2 AmaKhosi 6:23

Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe , baya enkosini yabo . Amaviyo ama -Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli. Indlala yaseSamariya

2 AmaKhosi 7:8

Labo abanochoko sebefike emaphethe lweni ekamu , bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva , negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende , basusa nakhona , baya bakuthukusa.

AbAhluleli 19:21

Lase limngenisa endlini yalo , lazinika izimbongolo ifoliji ; bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.

AbAhluleli 19:4

Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.

AbAhluleli 19:6

Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.

AbAhluleli 9:27

Baya endle , bavuna izivini zabo , banyathela imivini , bagubha umkhosi , bangena endlini kankulunkulu wabo , badla, baphuza, bamqalekisa u - Abimeleki.

IzAga 4:17

Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

NgokukaMarku 14:23

Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke.

U-Amose 6:6

Baphuza imikhele yewayini , bazigcoba ngamafutha amahle , kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.

U-Eksodusi 24:11

Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa -Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.

U-Esteri 3:15

Izigijimi za shesha zahamba ngezwi lenkosi . Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi , baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.

UDaniyeli 5:3

Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo , nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.

UDaniyeli 5:4

Baphuza iwayini , batusa onkulunkulu begoli de, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.

UGenesise 26:30

Wabenzela idili, badla, baphuza.

UGenesise 43:34

Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe , kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo . Baphuza, bathokoza naye.