"bathandekayo"
16 occurrences in ZUL
Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha , kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo.
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu , kepha akukabonakali esiyakuba yikho . Siyazi ukuthi , nxa ebonakaliswa , siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu,
Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya , kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini ; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.
Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo , nathi simelwe ukuthandana.
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.
Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo,
Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo,
Le ncwadi, bathandekayo, isingeyesibili enginilobele yona , engivusa ngazo ingqondo yenu emhlophe ngokunikhumbuza,
Ngakho, bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto , khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye,
Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili , xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho , niwe ekuqineni kwenu,
Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
Kepha nina bathandekayo , khumbulani amazwi akhulunywe phambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu
Kepha nina bathandekayo , yakhelanani ekukholweni kwenu okungcw ele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,
Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke , ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.
Kepha siyethemba ngani bathandekayo okuhle kunalokho , ngisho okuqondene nokusindiswa, noma sikhuluma kanje.