"bathokoza"
22 occurrences in ZUL
Bonke abantu benyuka emva kwakhe , abantu babetha imitshingo . Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.
UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu, nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali, nangamacilongo.
Bonke abantu baya eGiligali , bambeka khona uSawule waba yinkosi phambi kukaJehova eGiligali ; bahlaba khona imihlatshelo yeminikelo yokuthula phambi kukaJehova ; uSawule nabo bonke abantu bakwa -Israyeli bathokoza kakhulu khona.
Bathi kuzo izithunywa ezazifikile : Niyakusho kanje kubantu ba seJabeshi Gileyadi, nithi: Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa . Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza.
AbaseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona.
wabuka, bheka, inkosi yayimi ngasensikeni njengomthetho , izikhulu nabamacilongo bengasenkosini ; bonke abantu bezwe bathokoza , bakhalisa amacilongo. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wamemeza ngokuthi: Ngugobe! Ngugobe!
Bonke abantu bezwe bathokoza , umuzi wazola ; bambulala u-Athaliya ngenkemba endlini yenkosi.
wabuka; bheka, inkosi yayimi ngasensikeni yayo ekungeneni , izikhulu nabamacilongo bengasenkosini ; bonke abantu bezwe bathokoza , bakhalisa amacilongo; abahlabeleli babetha izinto zokubethwa , bahola ukuhlabelela kwendumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe , wathi: Ngugobe! Ngugobe!
Bonke abantu bezwe bathokoza ; umuzi wazola ; bambulala u -Athaliya ngenkemba.
Lonke ibandla lakwaJuda kanye nabapristi namaLevi , nalo lonke ib andla elaphuma ku -Israyeli, nabafokazi abaphuma ezweni lakwa -Israyeli behlezi kwaJuda, bathokoza.
UDavide kanye nendlu yonke k a-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi , namahabhu, nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.
Kwathi abezizwe bekuzwa lokho , bathokoza, balidumisa izwi leNkosi ; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.
Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo.
Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.
Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali.
Sebezwile bathokoza , bathembisa ukumnika imali . Wayesefuna ithuba lokumkhaphela. Ukumiswa kwesidlo esingcwele (Math. 26:17; Luk. 22:7; Joh. 13:21)
Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane , bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,
Uyakwandisa isizwe , ukhulise intokozo yaso ; bathokoza phambi kwakh o njengokuthokoza ekuvuneni , njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.
Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe , kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo . Baphuza, bathokoza naye.
Kwathi lapho bonke abantu ababe no -Ishmayeli bembona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, bathokoza.
Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu, bathokoza ngezwi lomtshingo.
Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku , bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu ; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema. Ukubuyiselwa kokweshumi