Skip to Content

"bayakuhlala"

16 occurrences in ZUL

AmaHubo 102:28

Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala ; inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.

AmaHubo 140:13

Impela abalungileyo bayakubonga igama lakho ; abaqotho bayakuhlala ebusweni bakho.

AmaHubo 69:36

Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa ; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.

AmaHubo 84:4

Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela

IzAga 2:21

Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo.

U-Isaya 32:18

Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.

UDaniyeli 7:26

Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni.

UDuteronomi 3:19

Kepha omkenu , nabancane benu , nezinkomo zenu -- ngiyazi ukuthi ninezinkomo eziningi -- bayakuhlala emizini yenu engininike yona,

UHezekeli 28:25

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa -Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo , ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe.

UHezekeli 28:26

Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo , bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.

UHezekeli 37:25

Bayakuhlala ez weni engilinike inceku yami uJakobe , ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo , nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade.

UHoseya 3:4

Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa -Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.

UJeremiya 31:24

UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye , abalimi nabahamba nemihlambi.

UJobe 18:15

Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe , kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.

UJoshuwa 1:14

Omkenu, nabantwana benu , nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani ; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize,

UMika 4:4

Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakh e naphansi komkhiwane wakhe ; akakho oyakubesabisa , ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.