"bayakuphela"
7 occurrences in ZUL
Uma ngibamukisa , baye ekhaya bengadlanga , bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.
Bayakuphela amandla , babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.
Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube , nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye, usho uJehova.
Bayakuphela indlala , baqedwe ngukushisa komzimba , nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane , kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.
Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami , ngingabathumanga, bathi: Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe , uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.
Bheka, ngiyabalinda kube kubi , kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.
Kepha uma bengalaleli, bayakuphela ngenkemba, bafe bengenalwazi.