Skip to Content

"bazenzisi"

11 occurrences in ZUL

NgokukaLuka 12:56

Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na?

NgokukaLuka 13:15

Kepha iNkosi yamphendula yathi : Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesa batha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?

NgokukaMarku 7:6

Wayesethi kubo : U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami;

NgokukaMathewu 15:7

Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi:

NgokukaMathewu 22:18

Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: Bazenzisi, ningilingelani na?

NgokukaMathewu 23:13

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu ! Ngokuba aningeni nina , nabangenayo anibavumeli ukungena.

NgokukaMathewu 23:14

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide ! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

NgokukaMathewu 23:15

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye , lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

NgokukaMathewu 23:23

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

NgokukaMathewu 23:27

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

NgokukaMathewu 23:29

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!