Skip to Content

"behlelwa"

10 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 3:27

Yayisithatha izibulo layo ebeliyakubusa esikhundleni sayo , yanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange . Abakwa-Israyeli behlelwa yintukuthelo enkulu, basuka kuyo, babuyela ezweni lakubo.

AbAhluleli 9:57

UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.

IsAmbulo 11:11

Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo ; base bema ngezinyawo zabo , nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.

IzEnzo 3:10

Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli , behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye. UPetru ukhuluma ngoKristu ukuthi uyiNkosi yokuphila

NgokukaLuka 13:2

Waphendula, wathi kubo: Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?

NgokukaLuka 1:65

Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba , bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke lezintaba laseJudiya,

NgokukaLuka 4:36

Behlelwa ngukwesaba bonke , bakhuluma bodwa , bathi: Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?

UDaniyeli 10:7

Mina, Daniyeli, kuphela ngawubona umbono , ngokuba abantu ababe nami abawubonanga umbono , kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu , babaleka ukuba bacashe.

UNumeri 16:29

Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uJehova uyakube kangithumanga.

UmShumayeli 9:3

Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye ; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona , andukuba baye kwabafileyo.