"benkosi"
35 occurrences in ZUL
Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo.
Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile -- ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona , ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe,
Yayisiphendula inkosi u Davide, yathi: Ngibizele uBati Sheba . Wafika ebusweni benkosi, wema phambi kwenkosi.
ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo , izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.
Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na?
uJehu wafumana abafowabo baka -Ahaziya inkosi yakwaJuda, wathi: Nina ningobani na ? Bathi: Singabafowabo baka -Ahaziya; siyehla ukubingelela abantwana benkosi nabantwana benkosikazi.
Yathumba uJehoyakini , yamyisa eBabele ; nonina wenkosi , nabafazi benkosi, nezinduna zayo , nabakhulu bezwe yabamukisa ngokubathumba eJerusalema, yabayisa eBabele.
yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi , nabantu abayisihlanu kwababesebu sweni benkosi abafunyanwa emzini , nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe , nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini.
Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalakele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni uJerobowamu wabuya eGibithe.
Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe ; abathengi benkosi bawamukela ngamadlanzi, yilelo nalelo dlanzi ngentengo yalo.
Wayesehamba uHilikiya nabanye benkosi , baya kuHulida umprofethikazi , umkaShalumi indodana kaThokathi kaHasira , umgcinizingubo -- wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili -- bakhuluma kuye ngokunjalo.
abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade , basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,
ngakunika indlu yenkosi yakho , nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho , ngakupha indlu yakwa -Israyeli neyakwaJuda ; uma lok ho bekukuncane , ngangiyakukwenezela lokhu nalokho.
Inkosi yathi: Makaye endlini yakhe, angaboni nokho ubuso bami. Wayeseya u-Abisalomu endlini yakhe, akabubona ubuso benkosi.
U-Abisalomu wahlala eJerusalema iminyaka emibili epheleleyo , engabuboni ubuso benkosi.
U-Abisalomu wathi kuJowabe: Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi : Ngisukeleni eGeshuri na ? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekh ona lapho . Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.
Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi . UJowabe nezinduna zempi baphuma ebusweni benkosi ukuba babale abantu bakwa - Israyeli.
Wayesesho koZeba noSalimuna , ethi: Babe njani labo bantu enababulala eThabori na ? Bathi: Babe njengawe ; yilowo nalowo wafana nabantwana benkosi.
Thuthumela, mhlaba, ebusweni beNkosi , ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,
Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu , umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu ; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.
Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
Kepha nina bathandekayo , khumbulani amazwi akhulunywe phambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu
Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo , uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.
Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila , nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.
ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo,
Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi , waya kumpristi omkhulu,
ababe seduze naye kwakungoKarishena , noShethari, no-Adimatha, noTharishishi, noMeresi, noMarisena, noMemukhani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya ezaziphambi k obuso benkosi , zihlala emqoka embusweni
Kwase kubizwa abalobi benkosi nge nyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo , kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi , nababusi ababephethe izifunda ngezifunda , nezikhulu zezizwe ngezizwe , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolim i lwazo ; kwalotshwa egameni lenkosi u -Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.
Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe , enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.
Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo ; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda , nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda , kusukela e -Indiya kuze kufike eKushe , izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo , nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.
Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula; basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.
Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi , kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.
yathi: Makabongwe uJehova , uNkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso ; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.
yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi , nabantu abayisikhombisa kwaba besebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe , nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa phakathi komuzi.
Thula phambi kobu so beNkosi uJehova , ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo , ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.