Skip to Content

"besandla"

7 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 7:26

Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla ; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze ; lwalulingene namabhati ayizinkulungwane ezimbili.

2 iziKronike 4:5

Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla ; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe , lunjengembali yomnduze ; lwamukela okulingene namabhati ayizinkulungwane ezintathu.

AmaHubo 39:5

Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla ; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe ; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela

UHezekeli 27:21

I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.

UHezekeli 40:43

Izingwegwe, ubude bazo bungububanzi besandla , zazifakiwe ngaphakathi nxazonke; ematafuleni kwakukhona inyama yomnikelo.

UHezekeli 40:5

Bheka, kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke , nasesandleni somuntu kwakukhona uhlanga l okulinganisa, luyizingalo eziyisithupha , yileyo naleyo iyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: luhlanga lunye; nokuphakama: luhlanga lunye.

UHezekeli 43:13

Lezi zaziyizilinganiso ze -altare ngezingalo , ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso , nobubanzi buyingalo ; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;