Skip to Content

"buyela"

18 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 9:18

Owehhashi wayesehamba ukumhlangabeza , wathi: Isho kanje inkosi , ithi: Kusahleziwe kahle na ? UJehu wathi : Unandabani nokuhlala kahle na ? Buyela emva kwami . Wayesebika umlindi , ethi: Isithunywa safika kubo , kepha asibuyanga.

2 AmaKhosi 9:19

Wayesethuma owehhashi wesibili owaya kubo , wathi: Isho kanje inkosi , ithi: Kusahleziwe kahle na ? Wathi uJehu: Unandabani nokuhlala kahle na ? Buyela emva kwami.

2 uSamuweli 15:27

Yathi inkosi kuSadoki umpristi : Ungumboni; buyela emzini ngokuthula , namadodana enu amabili enani , o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.

AmaHubo 116:7

Buyela ekuphumuleni kwakho , mphefumulo wami , ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

NgokukaLuka 8:39

Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Mark. 5:21)

NgokukaMarku 8:33

Kepha waphenduka , wabheka abafundi bakhe , wamkhuza uPetru , wathi: Buyela emva kwami , Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.

NgokukaMathewu 16:23

Yena waphenduka , wathi kuPetru : Buyela emva kwami , Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.

U-Isaya 44:22

Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.

UGenesise 16:9

Ingelosi kaJehova yathi kuye : Buyela kuyo inkosikazi yakho , uzithobise phansi kwesandla sayo.

UGenesise 31:3

UJehova wayesethi kuJakobe : Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.

UGenesise 32:9

Wathi uJakobe : Nkulunkulu kababa u-Abrahama, Nkulunkulu kababa u - Isaka, Jehova, wena owathi kimi: Buyela ezweni lakho nasezihlotsheni zakho, ngikwenzele okuhle,

UHoseya 12:6

Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho , ugcine umusa nokulun ga, ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.

UHoseya 14:1

Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.

UJeremiya 40:5

Engakabuyi, yathi: Buyela kuGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani , inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda , uhlale naye p hakathi kwabantu ; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho . Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho , yamvumela ukuba ahambe.

UJeremiya 47:6

Awu wena nkemba kaJehova , koze kube nini ungathuli na ? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

UNumeri 10:36

Ekumeni kwawo wathi : Buyela, Jehova, emindenini eyizinkulungwane zakwa-Israyeli.

UNumeri 23:16

UJehova wayesehlangana noBileyamu, wafaka izwi emlonyeni wakhe , wathi: Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.

UNumeri 23:5

UJehova wafaka izwi emlonyeni kaBileyamu , wathi: Buyela kuBalaki , ukhulume kanje.