Skip to Content

"eceleni"

76 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:24

Esehambile waficwa yingonyama endleleni , yambulala; isidumbu sakhe santshingwa endleleni, imbongolo yema eceleni kwaso , nengonyama yema ngasesidunjini.

1 AmaKhosi 13:25

Bheka, abantu badlula , babona isidumbu sintshingwe endleleni nengonyama imi eceleni kwesidumbu , bafika bakhuluma ngakho emzini ayehlala kuwo lowo mprofethi omdala.

1 AmaKhosi 13:28

Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni , imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu ; ingonyama ayidlanga isidumbu , ayidwengulanga nembongolo.

1 AmaKhosi 13:31

Kwathi esemmbele, wakhuluma kumadodana akhe, wathi: Lapho sengifile, ngimbeleni ethuneni embelwe kulo lowo muntu kaNkulunkulu, nibeke amathambo ami eceleni kwamathambo akhe.

1 AmaKhosi 21:1

Kwathi emva kwalezo zinto uNaboti waseJizreyeli wayenesivini esasiseJizreyeli eceleni kwendlu yenkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.

1 AmaKhosi 3:20

Wavuka phakathi kwamabili , wathatha umfana wami eceleni kwami , incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.

1 iziKronike 13:13

UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide , kepha wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.

2 AmaKhosi 12:9

UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo , wabhoboza imbobo esivalweni sawo , wawubeka eceleni kwe -altare ngakwesok unene lapho umuntu engena endlini kaJehova ; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.

2 AmaKhosi 4:4

Wongena, uzivalele ngesivalo , wena namadodana akho , uthele ezitheni zonke lezo, ubeke ezigcweleyo eceleni.

2 iziKronike 26:19

Wayesethukuthela u -Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho ; esabathukuthelele abapristi , kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe -altare lempepho.

2 uSamuweli 15:18

Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti ; nawo onke amaGiti , abantu abangamakhulu ayisithupha , ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.

2 uSamuweli 16:13

UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela ; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye , wahamba ethuka , wamphonsa ngamatshe , wamthela ngothuli. OHushayi no-Ahithofeli

2 uSamuweli 6:10

Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide , kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka -Obede Edomi umGiti.

AmaHubo 140:5

Abazidlayo bangifihlela ugibe ; ngezintambo bendlala inetha ; eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela

U-Amose 2:8

bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

U-Eksodusi 13:20

Basuka eSukoti; baya bamisa e-Etamu eceleni kwehlane.

U-Eksodusi 26:10

Wenze izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esinye esokugcina sasekuhlanganeni , nezihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni kwesibili.

U-Eksodusi 26:4

Wozenza izihibe ngokuluhlaza eceleni lesinye isilenge emphethweni wasekuhlanganeni, wenze njalo eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni kwesibili.

U-Eksodusi 26:5

Uyakwenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge, wenze futhi izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili, ukuze izihibe zibhekane.

U-Eksodusi 28:26

Uyakuwenza amasongo amabili egolide , uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba , eceleni laso elibhekene ne ngubo yamahlombe ngaphakathi.

U-Eksodusi 2:5

Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni ; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula ; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda.

U-Eksodusi 36:11

Wazenza izihibe eziluhlaza eceleni lesinye isilenge emphethweni ngasekuhlanganeni; wenze njalo naseceleni lesilenge sokugcina ngasekuhlanganeni kwesibili.

U-Eksodusi 36:12

Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge ; wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili; izihibe zazibhekana.

U-Eksodusi 36:17

Wazenza izihibe ezingamashumi ayisih lanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni, wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge ekuhlanganeni kwesibili.

U-Eksodusi 39:19

Base bewenza amasongo amabili egolide , bawafaka emaceleni omabili esihlangu sesifuba , eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi.

U-Isaya 28:25

Lapho esehlelembile ubuso bawo , angithi uhlwanyela amafitshizi , asakaze ikumini, atshale ukolweni ngezinhla , nebhali ezindaweni zalo , nokolweni ocolekileyo eceleni, na?

UHezekeli 10:16

Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo , nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabath ini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo.

UHezekeli 10:6

Kwathi lapho eyala indoda eyembethe ilineni , ethi: Thatha umlilo phakathi kwamasondo ayingilizayo phakathi kwamakherubi , yangena, eceleni kwesondo.

UHezekeli 10:9

Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi , elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi ; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.

UHezekeli 1:15

Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.

UHezekeli 1:19

Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo , nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.

UHezekeli 39:15

Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu , bayakumisa isiboniso eceleni kwalo , abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni Gogi.

UHezekeli 3:13

nomsindo wamaphiko ezidalwa athintanayo, nomsindo wamasondo eceleni kwazo, umsindo wokukhulu ukuduma.

UHezekeli 40:40

Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula am abili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili.

UHezekeli 40:41

Amatafula amane ayengalapha , namatafula amane ayengalapha eceleni kwesango, amatafula ayisishiyagalombili ababehlabela kuwo.

UHezekeli 40:7

Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye , nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo k wakuyizingalo eziyisihlanu ; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawu luhlanga lunye.

UHezekeli 42:7

Ugange olwalungaphandle eceleni kwamakamelo ngasegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.

UHezekeli 43:6

Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi kwendlu ; kwakumi umuntu eceleni kwami.

UHezekeli 43:8

bebeka umbundu wabo ngasembundwi ni wami , nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami , kube ludo nga kuphela phakathi kwami nabo , belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo , okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.

UHezekeli 45:6

Niyakunika umuzi ifa lezinkulungwane eziyisihlanu ububanzi nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude eceleni komnikelo wokungcwele, libe ngelendlu yonke yakwa-Israyeli.

UHezekeli 48:1

Nanka amagama ezizwe . Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eHamati naseHasari Enani , emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho , eceleni kweHamati , uDani uyakuba nesabelo , abe nohlangothi lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga.

UJeremiya 46:6

Onejubane makangabaleki naye, kungaphunyuki neqhawe; ngasenyakatho eceleni komfula u-Ewufrathe bayakhubeka, bawe.

UJeremiya 5:31

Abaprofethi baprofetha amanga , abapristi babusa eceleni kwabo ; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?

UJobe 18:12

Ububi buyakumlambela, ulungiselwe ingozi eceleni kwakhe.

UJobe 1:14

kwafika isithunywa kuJobe , sathi: Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabile eceleni kwazo,

UJoshuwa 15:10

umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga , waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho , eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna;

UJoshuwa 15:11

umkhawulo wawusuphuma , waya eceleni kwe -Ekroni ngasenyakatho ; umkhawulo wasuka waya eShikeroni , wadlula waya e ntabeni yaseBahala , waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.

UJoshuwa 18:12

Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani ; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho , wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.

UJoshuwa 18:13

Umkhawulo wasuka lapho , waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela e -Atharoti Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti Horoni laseNzansi.

UJoshuwa 18:16

umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;

UJoshuwa 18:18

wadlula waya eceleni elibhekene ne-Araba ngasenyakatho, wehlela e-Araba;

UJoshuwa 18:19

umkhawulo wadlula , waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho , ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.

UNehemiya 13:13

Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo : nguShelemiya umpristi , noSadoki umbhali , noPhedaya wamaLevi ; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya , ngokuba kwat hiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.

UNehemiya 2:6

Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani , nokubuya kuyakuba nini na ? Kwaba kuhle -ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.

UNehemiya 3:10

Eceleni kwakhe kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe . Eceleni kwakhe kwalungisa uHathushi indodana kaHashabineya.

UNehemiya 3:12

Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi , umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.

UNehemiya 3:17

Emva kwakhe kwalungisa amaLev i, uRehumi indodana kaBani . Eceleni kwakhe kwalungisa uHashabiya , umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila esifundeni sakhe.

UNehemiya 3:19

Eceleni kwakhe kwalungisa u -Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini.

UNehemiya 3:2

Eceleni kwakhe kwakha abantu bas eJeriko, naseceleni kwabo kwakha uZakuri indodana ka-Imri.

UNehemiya 3:23

Emva kwabo kwalungisa oB enjamini noHashubi malungana nendlu yabo . Emva kwabo kwalungisa u-Azariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe.

UNehemiya 3:4

Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti , indodana ka -Uriya kaHakhosi . Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.

UNehemiya 3:5

Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa , kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.

UNehemiya 3:7

Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni , noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa , phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.

UNehemiya 3:8

Eceleni kwabo kwalungisa u -Uziyeli indodana kaHarihaya wabakhandi begolide. Eceleni kwakhe kwalungisa uHananiya wabathaki . Baliyeka iJerusalema kwaze kwaba soGangeni Olubanzi.

UNehemiya 3:9

Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodan a kaHure , umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema.

UNehemiya 4:12

Kwathi lapho abaJuda ababehlala eceleni kwabo sebefika , bathi kithi kayishumi, bevela ezindaweni zonke: Buyelani kithi.

UNehemiya 8:4

U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu lamapulangwe ababelenzele lo mgomo ; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya , noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe , nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.

UNumeri 2:12

Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwaSimeyoni ; isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni siyakuba nguShelumiyeli indodana kaSurishadayi.

UNumeri 2:20

Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwe sakwaManase; isikhulu sabantwana bakwaManase siyakuba nguGamaliyeli indodana kaPedasuri.

UNumeri 2:27

Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa -Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba nguPagiyeli indodana ka-Okirani.

UNumeri 2:5

Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Isakare; isikhulu sabantwana bakwa-Isakare siyakuba nguNethaneli indodana kaSuwari;

UNumeri 33:37

Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi.

UNumeri 3:29

Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwe tabernakele ngaseningizimu.

UNumeri 3:35

Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka- Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele ngasenyakatho.

UNumeri 6:9

Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe , angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe , uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa.

URuthe 2:14

Ngesikhathi sokudla uBowazi wathi kuye : Woza lapha , udle isinkwa , ugcobhoze ucezu lwa kho kuviniga . Wahlala eceleni kwabavuni , wamnika utshwele, wadla wasutha, washiya phansi.