"echithekileyo"
7 occurrences in ZUL
Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo ; bayakutshala izivi ni, baphuze iwayini lazo ; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.
Ngokuba uyakusabalala ngakwesokunene nangakwesokhohlo, nengalo yakho iyakuqeda abezizwe, yakhe imizi echithekileyo.
Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi a mane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.
Bayakuchithakala phakathi kwamazwe achithekileyo , imizi yalo ibe phakathi kwemizi echithekileyo.
Bayakuthi: Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase -Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.
Njengomhlambi ongcwelisiweyo , njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo , kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane , nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.