Skip to Content

"edwaleni"

37 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 10:4

bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.

2 uSamuweli 21:10

URispa indodakazi ka -Aya wathatha indwangu yamasaka , wazendlalela yona edwaleni , kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.

AbAhluleli 13:19

UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu , wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela.

AbAhluleli 15:13

Basho kuye , bathi: Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha , sikunikele esandleni sawo , kodwa impela asiyikukubulala . Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni.

AbAhluleli 20:45

Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimon i; bakhothoza kubo emendweni abantu abayizinkulungwane eziyisihlanu , babaxosha kwaze kwabaseGideyomu, babulala kubo abantu abayizinkulungwane ezimbili.

AbAhluleli 20:47

Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka , babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine.

AbAhluleli 6:20

Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye : Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo, ukubeke edwaleni leli, uwuthulule umhluzi. Wenze njalo.

AbAhluleli 6:21

Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesan dleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ; kwenyuka umlilo edwaleni , wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo ; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.

AmaHubo 137:9

Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho, abaphahlaze edwaleni.

AmaHubo 27:5

Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakh e ngosuku lokuhlupheka , angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni.

AmaHubo 40:2

Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi , wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.

AmaHubo 61:2

Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba , lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

AmaHubo 78:16

Waphumisa edwaleni izifufula, wehlisa amanzi njengemifula.

IzAga 30:19

indlela yokhozi emoyeni, nendlela yenyoka edwaleni, nendlela yomkhumbi phakathi kolwandle, nendlela yendoda entombini.

IzAga 30:26

izimbila ziyisizwe esibuthakathaka, kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;

NgokukaLuka 23:53

Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle , yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona.

NgokukaLuka 6:48

Ufana nomuntu owayakha indlu , wemba washonisa , wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu , kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.

NgokukaLuka 8:6

Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.

NgokukaMarku 15:46

Wathenga indwangu enhle , wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni , wagingqela itshe emnyango wethuna.

NgokukaMarku 4:16

Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi , balamukele masinyane ngokuthokoza;

NgokukaMarku 4:5

Enye yawela edwaleni , lapho yayingenamhla bathi omningi khona ; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.

NgokukaMathewu 13:20

Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi , alamukele masinyane ngokuthokoza;

NgokukaMathewu 13:5

Kepha enye yawela edwaleni , lapho yayingenamhlabathi omningi khona ; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.

NgokukaMathewu 27:60

wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqo phe edwaleni , wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.

U-Eksodusi 17:6

Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe ; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo , abantu baphuze . Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

U-Eksodusi 33:21

UJehova wathi: Bheka, nansi indawo kimi; uyakuma edwaleni.

U-Isaya 22:16

Wenzani lapha , futhi unobani laph a ukuba uziqophele lapha ithuna na ? Uziqophela ithuna lakhe phezulu, uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!

U-Isaya 2:10

Ngena edwaleni , ucashe othulin i ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.

U-Isaya 48:21

Kabomanga lapho ebahola emahlane , wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni; futhi waliqhekeza idwala, amanzi ampompoza.

UDuteronomi 32:13

Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba , wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,

UDuteronomi 8:15

wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo , lapho kwakungekho manzi khona ; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;

UHezekeli 24:7

Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo ; wazibeka edwaleni eliyinyabule; akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.

UHezekeli 24:8

Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo , ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabule ukuba zingasitshekelwa.

UJobe 19:24

aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu, kuze kube phakade!

UNehemiya 9:15

wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo , wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo , wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.

UNumeri 20:8

Thabatha intonga , ubuthe inhlangano , wena no -Aroni umfowenu , nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo ; uyakubavezela amanzi edwaleni , ukuze unike inh langano nezinkomo zayo ukuphuza.

UNumeri 24:21

Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi: Inamandla indawo yakho yokuhlala; isidleke sakho simisiwe edwaleni.