Skip to Content

"egazini"

27 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 11:25

Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami ; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.

2 uSamuweli 1:22

Egazini labab uleweyo nasemanonin i amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.

2 uSamuweli 20:12

U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo . Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema , wamgudluza u -Amasa emendweni , wamyisa ensimini , waphonsa ingubo phezu kwakhe , lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.

AmaHubo 30:9

Kukhona nzuzoni egazini lam i nasekushoneni kwami egebeni na ? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?

AmaHubo 58:10

Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo ; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,

AmaHubo 68:23

ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini , ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.

IsAmbulo 7:14

Ngase ngithi kulo: Nkosi yami, nguwe owaziyo. Lase lithi kimi : Laba yibo abaphuma osizini olukhulu , bahlanza izingubo zabo , bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.

IzEnzo 20:26

Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu suku lwanamuhla ngithi anginacala egazini labo bonke.

KwabaseRoma 3:25

ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe , kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili

NgokukaLuka 11:51

kusukela egazini lika -Abela kuze kufike egazini likaZakariya owabulawa phakathi kwe-altare nethempeli . Yebo, ngithi kini : Lizakubizwa kulesi sizukulwane.

NgokukaLuka 22:20

Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.

NgokukaMathewu 23:30

Nithi: U ma sasikhona emihleni yawobaba , sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.

NgokukaMathewu 23:35

ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika -Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.

NgokukaMathewu 27:24

UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi , wahlamba izandla phambi kwesixuku , wathi: Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.

U-Eksodusi 12:22

Nothatha isithungu sehisopi , nisicwilise egazini elisemcengezini , nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini ; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.

U-Isaya 9:5

Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulw a nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo.

UDuteronomi 32:14

namangqanga ezinkomo , nobisi lwezimvu , namafutha amawundlu , nezinqama zohlobo lwaseBashani , nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni ; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.

UGenesise 37:31

Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini.

UGenesise 49:11

Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle ; uhlanza izingubo zakhe ewayinini , nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.

UHezekeli 16:22

Kuzo zonke izi nengiso zakho nakubo bonke ubufebe bakho awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho , lapho wawunqunu , wawuze, wangqasha egazini lakho.

UHezekeli 16:6

Lapho ngidlula kuwe , ngikubona ungqasha egazini lakho , ngathi kuwe : Wena osegazini lakho: Phila! yebo, ngathi kuwe, wena osegazini lakho: Phila!

UJeremiya 48:10

Makaqalekiswe owenza umsebenz i kaJehova ng okunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.

ULevitikusi 14:51

athabathe umsedari nehisopi nendwangu ebomvu nenyoni ezwayo , akugcobhoze egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agobhozayo , afafaze indlu kasikhombisa,

ULevitikusi 14:6

Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi, akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo,

ULevitikusi 4:17

Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini , afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.

ULevitikusi 4:6

umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini , afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.

ULevitikusi 9:9

Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye ; wagcobhoza umunwe egazini , walibheca ezimpondweni ze -altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se - altare;