Skip to Content

"egcekeni"

47 occurrences in ZUL

2 iziKronike 24:21

Bamenzela ugobe , bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.

2 iziKronike 29:16

Abapristi bangena kokuphakathi kwendlu kaJehova ukuba bayihlambulule , nakho konke ukungcola abakufumanisayo ethempelini likaJehova bakukhiphela egcekeni lendlu kaJehova . AmaLevi akuthatha , akukhipha, akuyisa emfudlaneni iKidroni.

2 uSamuweli 17:18

Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.

NgokukaJohane 18:15

USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu;

NgokukaLuka 22:55

Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawony e; uPetru wahlala phakathi kwabo.

NgokukaLuka 22:62

Waphumela phandle, wakhala kamunyu. UJesu uphathwa kabi egcekeni lompristi omkhulu, alahlwe (Math. 26:57; Mark. 14:53; Joh. 18:12)

NgokukaMarku 14:54

UPetru wamlandela ekude , waze wangena egcekeni lompristi omkhulu ; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.

NgokukaMathewu 26:3

Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.

NgokukaMathewu 26:69

Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni ; kweza kuye intombazana, yathi: Nawe ubunoJesu waseGalile.

U-Esteri 1:5

Seziphelile lezo zinsuku , inkosi yenzela abantu bonke ab abe khona eShushani endlini yenkosi , abakhulu nabancane , idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.

U-Esteri 4:11

Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enk osini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe , ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zi nsuku ezingamashumi amathathu.

U-Esteri 5:1

Kwathi ngosuku lwesithathu u -Esteri wembatha ingubo yobukhosi , wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi ; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobuk hosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu.

U-Esteri 5:2

Kwathi lapho inkosi ibona u -Esteri inkosikazi emi egcekeni , wafumana umusa emehlweni ayo ; inkosi yamelulela u -Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.

U-Esteri 6:4

Yayisithi inkosi: Ngubani osegcekeni na? UHamani wayesandUkungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.

U-Esteri 6:5

Zathi-ke izinceku zenkosi kuyo: Bheka, uHamani umi egcekeni. Yathi inkosi: Makangene.

U-Isaya 66:17

Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube , nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye, usho uJehova.

UHezekeli 40:17

Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle ; bheka, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo eyenzelwe igceke nxazonke ; kwakukhona amakamelo angamashumi amathathu endaweni egandayiweyo.

UHezekeli 40:28

Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango laseningizimu; walilinganisa isango laseningizimu njengezilinganiso zasenhla.

UHezekeli 40:31

Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle ; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisihiyagalombili.

UHezekeli 40:32

Wayesengingenisa egcekeni elingaphaka thi ngasempumalanga , walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla,

UHezekeli 40:34

Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle ; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha ; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

UHezekeli 40:37

Izinsika z alo zazibheke egcekeni elingaphandle ; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha ; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

UHezekeli 40:44

Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi , eliseceleni kwesango lasenyakatho , libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango lasempumalanga , libheke ngasenyakatho.

UHezekeli 42:1

Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle ngasenyakatho , wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, elimalungana nesakhiwo ngasenyakatho,

UHezekeli 42:14

Lapho abapristi bengena , abayikuphuma endaweni engcwele ukuya egcekeni elingaphandle, kepha bayakubeka lapho izambatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba bayingcwele ; bayakwembatha ezinye izingubo , basondele kulokhu okungokwabantu.

UHezekeli 42:9

Kusukela phansi kwalawa makamelo kwakukhona ukungena ngasempumalanga, lapho kwangenwa kuwo kuvelwa egcekeni elingaphandle.

UHezekeli 43:5

UMoya wangiphakamisa , wangingenisa egcekeni elin gaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.

UHezekeli 44:19

Lapho bephumela egcekeni elingaphandle , igceke elingaphandle labantu , bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo , bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.

UHezekeli 44:21

Akuyikuphuza iwayini noyedwa umpristi , lapho bengena egcekeni elingaphakathi.

UHezekeli 44:27

Ngosuku angena ngalo endlini engcwele egcekeni elingaphakathi ukuyokhonza endlini engcwele, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 46:20

Wathi kimi: Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.

UHezekeli 46:21

Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle , wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala.

UHezekeli 8:16

Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova ; bheka, ngasemnyango weth empeli likaJehova phakathi kompheme ne -altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.

UJeremiya 26:2

Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.

UJeremiya 32:12

nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.

UJeremiya 32:2

Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema ; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,

UJeremiya 32:8

Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: Ake uyithenge insimu yami ese -Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho , nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona. Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.

UJeremiya 33:1

Izwi likaJehova lafika kuJeremiya ngokwes ibili, esavalelwe egcekeni letilongo, lathi:

UJeremiya 36:10

UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni l ikaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.

UJeremiya 36:20

Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi.

UJeremiya 37:21

USedekiya inkosi wayeseyala ukuba bambeke uJeremiya egcekeni letilongo, bamnika imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini Sabaphekizinkwa , kwaze kwaphela isinkwa sonke emzini . UJeremiya wahlala-ke egcekeni letilongo.

UJeremiya 38:13

Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo , bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo. UJeremiya uhlangana ngasese noSedekiya

UJeremiya 38:28

Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo , kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.

UJeremiya 39:14

bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo , bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.

UJeremiya 39:15

Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya esavalelwe egcekeni letilongo, lithi:

ULevitikusi 6:16

Okuseleyo kuwo kuyakudliwa ngu -Aroni namadodana akhe , kudliwe ngaphandle kwemvubelo endaweni engcwele , bakudlele egcekeni letende lokuhlangana.

ULevitikusi 6:26

Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla , udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.