Skip to Content

"ehlezi"

29 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:14

Wamlandela lowo muntu kaNkulunkulu , wamfumana ehlezi phansi kwe - oki; wathi kuye: Wena ungumuntu kaNkulunkulu lowo owavela kwaJuda na? Wathi: Nginguye.

1 AmaKhosi 22:19

UMikhaya wathi : Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.

1 uSamuweli 19:9

Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe , ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.

1 uSamuweli 27:11

UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: Funa basicebe ngokuthi: Wenze njalo uDavide. Yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti.

2 AmaKhosi 6:32

Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe , namalunga ehlezi naye ; kepha, singakafiki kuye isithunywa , wathi emalungeni: Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na ? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo , nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo ; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?

2 iziKronike 18:18

UMikhaya wathi : Ngalokho yizwani izwi likaJehova : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.

AbAhluleli 13:9

UNkulunkulu walalela izwi likaManowa ; ingelosi kaNkulunkulu yabuyela kowesifazane ehlezi endle; kepha uManowa indoda yakhe wayengenaye.

IsAmbulo 17:9

Nansi in gqondo enokuhlakanipha . Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa, lapho owesifazane ehlezi phezu kwazo . Futhi zingamakhosi ayisikhombisa;

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:12

Amehlo akhe anjengamajuba ngasemifuleni yamanzi , ageziwe ngobisi ehlezi ngasemifudlaneni egcweleyo.

IzAga 20:8

Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.

IzAga 3:29

Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho, lapho ehlezi nawe elondekile.

KwabaseKolose 3:1

Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

NgokukaLuka 22:56

Intombazana ethile , imbona ehlezi ngasemlilweni , yamgqolozela yathi : Nalona ube naye.

NgokukaLuka 2:46

Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.

NgokukaLuka 5:27

Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi, igama lakhe nguLevi, ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: Ngilandele.

NgokukaMarku 14:3

Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko , ehlezi ekudleni , kwafika owesifazane ephe the umfuma we -alabaste wamafutha enadi lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.

NgokukaMarku 2:14

Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela.

NgokukaMarku 2:15

Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe , abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela.

NgokukaMarku 5:15

Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe , esangulukile, yena owayenelegiyona; base besaba.

NgokukaMathewu 26:7

kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we -alabaste wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni.

NgokukaMathewu 9:10

Kwathi ehlezi ekudleni endlini , bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni , bahlala badla noJesu nabafundi bakhe.

NgokukaMathewu 9:9

Esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela.

U-Esteri 5:13

Kepha konke lokho akunganelisi ngalutho kuso sonke isikhathi engilokhu ngibona ngaso uMoridekayi, umJuda, ehlezi esangweni lenkosi.

UGenesise 18:1

UJehova wabonakala kuye ngasema -okini aseMamre , ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.

UHezekeli 8:1

Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami , amalunga akwaJu da ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.

UJeremiya 29:16

Ngokuba usho kanje uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide nangabo bonke abantu abahlala kulo muzi , abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni,

UJobe 15:21

Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe ; lapho ehlezi kahle , uyakufikelwa ngumphangi.

UJobe 38:40

lapho elala emihumeni yawo, ehlezi esikhundleni eqamekele, na?

UNumeri 24:2

UBileyamu waphakamisa amehlo akhe , wabona u -Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.