Skip to Content

"ejeriko"

15 occurrences in ZUL

1 iziKronike 19:5

Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda . Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda . Yathi inkosi: Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.

2 AmaKhosi 2:18

Babuyela kuye esahlezi eJeriko ; wathi kubo: Angishongo yini kini ukuthi: Ningahambi, na?

2 AmaKhosi 2:4

U-Eliya wathi kuye: Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bafika-ke eJeriko.

2 iziKronike 28:15

Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma , abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze , abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla , abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka , abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.

2 uSamuweli 10:5

Lapho sebemtshela uDavide lokho , wathumela ukuzihlangabeza , ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda . Yathi inkosi : Hlalani eJeriko , zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.

NgokukaLuka 10:30

UJesu waphendula wathi : Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko ; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele , zamhlubula izingubo , zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.

NgokukaLuka 18:35

Kwathi esesondela eJeriko , impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba.

NgokukaLuka 19:1

Wangena eJeriko, wadabula khona.

NgokukaMarku 10:46

Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu , isinxibi esiyimpumputhe , wayehlezi ngasendleleni.

NgokukaMathewu 20:29

Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela.

UJoshuwa 16:1

Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga , ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele;

UJoshuwa 16:7

wehla eJanowa , waya e -Atharoti naseNahara , wafika eJeriko , waphumela eJordani.

UJoshuwa 24:11

Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama- Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu.

UJoshuwa 7:2

UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e -Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele , wakhuluma kuwo , wathi: Khuphukani, nilihlole izwe. Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.

UNehemiya 3:2

Eceleni kwakhe kwakha abantu bas eJeriko, naseceleni kwabo kwakha uZakuri indodana ka-Imri.