Skip to Content

"ekhanda"

68 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:32

UJehova uya kulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe , ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye , wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no- Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.

1 AmaKhosi 2:33

Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekh anda lenzalo yakhe kuze kube phakade ; kepha kuDavide , nakuyo inzalo yakhe , nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.

1 AmaKhosi 2:44

Inkosi yathi futhi kuShimeyi: Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho.

1 iziKronike 20:2

UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

1 kwabaseKorinte 11:10

Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.

1 uSamuweli 10:1

USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha , wawathela ekhanda lakhe , wamanga, wathi: Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?

1 uSamuweli 17:38

USawule wamembathisa ezakhe izingubo , wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi.

1 uSamuweli 17:5

Wayenesigqoko sethusi ekhanda , egqoke ibhantshi lensimbi ; isisindo sebhantshi sasingamashekeli ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi.

1 uSamuweli 1:11

Wenza isithem biso, wathi: Jehova Sebawoti , ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho , ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa , bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.

1 uSamuweli 25:39

UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali , ovimbele inceku ya khe ebubini , wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe . UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

1 uSamuweli 4:12

Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini , wagijima w aya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda.

2 AmaKhosi 9:3

Bese wuthatha umfuma wamafutha , uwathele ekhanda lakhe , uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Ngikugcobile ube yinkosi kwa -Israyeli. Bese wuvula umnyango, ubaleke, ungalibali.

2 AmaKhosi 9:6

Yasukuma, yangena endlini; yathela amafutha ekhanda lakhe , yathi kuye: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngikugcobile ube yinkosi yabantu bakaJehova kwa-Israyeli.

2 uSamuweli 12:30

Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo ; isisindo sawo sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide ; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

2 uSamuweli 13:19

UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda , wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile , wathwala izandla ekhanda , wamuka, ehamba ekliwula.

2 uSamuweli 15:32

Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni , lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umAr ki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.

2 uSamuweli 1:2

kwathi-ke ngosuku lwesithathu , bheka, kwaphuma umuntu ekamu likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukil e, enomhlabathi ekhanda , wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.

2 uSamuweli 3:29

maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu ka yise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo , nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.

AbAhluleli 13:5

ngokuba bheka , uyakukhulelwa, uzale indodana , impuco ayiyikuthinta ekhanda layo , ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.

AbAhluleli 16:13

UDelila wayesethi kuSamsoni: Kuze kube manje udlale ngami , wangitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa ngani . Wathi kuye: Uma weluka amagoda ayisikhombisa ekhanda lami nezintambo zakho zokwelukwa.

AbAhluleli 16:17

Wamtshela inhliziyo yakhe yonke , wathi kuye : Akuthintanga mpuco ekhanda lami , ngokuba bengingumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa , amandla ami ayakumuka kimi , ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.

AbAhluleli 16:19

Wamlalisa ubuthongo emathangeni akhe , wabiza umuntu , waphucula amagoda ayisikhombisa ekhanda lakhe ; waqala ukumhlupha, amandla akhe amuka kuye.

AbAhluleli 9:53

Owesifazane othi le waphonsa imbokodwe ekhanda lika -Abimeleki, wachimiza ikhanda lakhe.

AmaHubo 133:2

Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini , isilevu sika -Aroni, ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe.

AmaHubo 141:5

Olungileyo makangishaye , kungumusa kimi ; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi , ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.

AmaHubo 21:3

Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle ; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.

AmaHubo 7:16

Ukwelelesa kwakhe k ubuyela ekhanda lakhe ; ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.

IsAmbulo 14:14

Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.

IsiLilo 5:16

Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!

IzAga 25:22

Ngokuba uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe , besekuthi uJehova akuvuze.

KwabaseRoma 12:20

Kepha: Uma isitha sakho silambile , siphe sidle ; uma somile , siphuzise, ngokuba ngokwenza lo kho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.

NgokukaJohane 19:2

Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe , amembathisa ingubo ebubende;

NgokukaMarku 12:4

Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka.

NgokukaMarku 14:3

Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko , ehlezi ekudleni , kwafika owesifazane ephe the umfuma we -alabaste wamafutha enadi lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.

NgokukaMarku 15:19

Amshaya ekhanda ngomhlanga , amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye.

NgokukaMathewu 26:7

kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we -alabaste wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni.

NgokukaMathewu 27:29

aluka umqhele wameva , awufaka ekhanda lakhe , nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe , ambhinqa athi: Bayede, nkosi yabaJuda!

NgokukaMathewu 27:30

Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe.

U-Eksodusi 29:6

ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni.

U-Eksodusi 29:7

Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.

U-Esteri 9:25

kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi , yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lak he, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.

U-Isaya 59:17

Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha , wazembesa ukushisekela njengengubo.

U-Obadiya 1:15

Ngokuba usuku lukaJehova lusondel e ezizweni zonke ; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe ; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

UDuteronomi 33:16

nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowahlala esihlahleni; isibusiso masifike ekhanda likaJosef a nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.

UGenesise 40:16

Kwathi induna yabaph ekizinkwa ibona ukuthi lokho kuchazwa kwakukuhle, yathi kuJosefa: Nakimi ephusheni lami kwakungathi kukhona amaqoma amathathu esinkwa esimhlophe ekhanda lami.

UGenesise 48:14

U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene , wasibeka ekhanda lika - Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase , ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

UGenesise 48:17

Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika- Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe ; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.

UGenesise 48:18

Wayesethi uJosefa kuyise : Kungabi njalo , ngokuba lo uyizibulo ; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.

UHezekeli 16:12

Ngafaka icici emakhaleni akho, namagenqeza ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho.

UHezekeli 5:1

Wena ndodana yomuntu , zithathele inkemba ebuk hali, uzithathele yona njengempuco yomgundi , uyihambise ekhanda lakho nasesilevini sakho , uzithathele isilinganiso sokulinganisa, wahlukanise izinwele.

UJobe 19:9

Ungikhumulile udumo lwami; ususile umqhele ekhanda lami.

UJona 2:5

Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami , utwa lwangikaka . Umhlanga wathandela ekhanda lami.

UJona 4:8

Kwathi ekup humeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona , waba nesiyezi , wazicelela ukuba afe, wathi: Kungcono kimi ukufa kunokuphila.

UJoweli 3:7

Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo , ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu.

ULevitikusi 13:12

Uma uchoko luqhamuka esikhumbeni, ukuze uchoko lusibekele isikhumba sonke sonesifo , kusukela ekhanda kuze kufike ezinyaweni njengokubona kompristi,

ULevitikusi 13:29

Nxa owesilisa noma owesifazane enesifo ekhanda noma esilevini,

ULevitikusi 13:40

Uma izinwele zomuntu zisukile ekhanda lakhe , uyimpandla; uhlambulukile.

ULevitikusi 13:41

Uma izinwele zisukile ekhanda lakhe ngasebusweni , uyimpandla ebunzini; uhlambulukile.

ULevitikusi 14:18

Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.

ULevitikusi 14:29

amafutha aseleyo asesandleni sompristi wowabeka ekhanda loyakuhlanjululwa ukumenzela ukubuyisana phambi kukaJehova.

ULevitikusi 21:10

Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo , kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba , nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,

ULevitikusi 24:14

Mkhiphele ngaphandle kwekamu lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe , inhlangano yonke imkhande ngamatshe.

ULevitikusi 8:12

Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika -Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.

ULevitikusi 8:9

Wafaka isigqoko ekhanda lakhe , nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide , umqhele ongcwele , njengalokho uJehova emyalile uMose.

UNumeri 6:5

Zonke izinsuku zesit hembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe ; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azah lukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side.

UZakariya 3:5

Ngase ngithi : Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe . Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe , bamembathisa izingubo , ingelosi kaJehova isemi khona.

UZakariya 6:11

Lapho wamukele isiliva negolide , yenza umqhele , uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,

UmShumayeli 2:14

Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe , kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.