"ekhuluma"
30 occurrences in ZUL
uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu ; uma umuntu ekhonza , makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu , ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi , akube ngababili , bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe;
U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu ; intukuthelo ka -Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na ? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho , ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.
njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa , okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi , kube ngukubhujiswa kwabo.
Lapho owesifazane waseThekhowa ekhuluma enkosini , wawa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi: Siza, nkosi.
Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma . Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,
waziveza kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi , wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu;
Kwathi bemuzwa ekhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu , bathula bathi du . Wayesethi:
wethemba futhi ukuthi uzakunikwa imali nguPawulu ; ngalokho wayehleze embiza, ekhuluma naye.
Khona bathenga amadoda athi : Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,
ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki ; bona bazama ukumbulala.
U-Isaya wakusho lokho , ngokuba ebona inkazimulo yakhe , ekhuluma ngaye.
Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu.
Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe ; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: Ufunani na? noma: Ukhulumelani naye na?
Nina ningabakayihlo uSathane , nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo . Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni , akemi eqinisweni , ngokuba iqiniso lingekho kuye . Nxa ekhuluma amanga , ukhuluma okungokwakhe , lokhu engumqambimanga noyise wawo.
Bathi omunye komunye: Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu , lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?
UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso , njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe . Wabuyela ekamu , kepha i nceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni. UMose ucela ukubona inkazimulo kaJehova
Kwathi mhla uJehova ekhuluma kuMose ezweni laseGibithe,
Nxa uFaro ekhuluma kini , ethi: Zifakazeleni ngesimangaliso, uyakusho ku- Aroni ukuthi : Thatha induku yakho , uyiphonse phansi phambi kukaFaro , ukuze iphenduke inyoka.
Ngokuba uMoridekayi , umJuda, wayelama inkosi u -Ahashiveroshi ngobukhulu, emkhulu phakathi kwabaJuda , ethokozelwa ngaba fowabo abaningi, efuna okuhle kwesizwe sakubo , ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.
Izikhali zomkhohlisi zimbi ; uhlela amacebo amabi , ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.
Wathi: Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine. Lapho ekhuluma kimi , ngaqiniswa, ngathi: Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.
Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma , nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?
Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma , noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.
URebeka wezwa u -Isaka ekhuluma no -Esawu indodana yakhe . U-Esawu waya endle ukuyozingela inyamazane, abuye nayo.
URebeka wakhuluma kuJakobe indodana yakhe , wathi: Bheka, ngizwe uyihlo ekhuluma no-Esawu umnewenu, ethi:
Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.
Lapho u-Efrayimi ekhuluma , kwavela ukuthuthume la; wayephakeme kwa - Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.
Abapristi, nabaprofethi, nabo bonke abantu bezwa uJeremiya ekhuluma lawo mazwi endlini kaJehova.
Kepha wathi kuye : Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhl e kuphela kuNkulunkulu , singamukeli nokubi, na? Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.