Skip to Content

"ekufikeni"

32 occurrences in ZUL

1 iziKronike 13:9

Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaKidoni u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo, ngokuba izinkabi zashelela.

1 kwabaseKorinte 15:23

Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe : uKristu kuqala , bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe,

1 kwabaseKorinte 16:3

Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma , bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;

1 kwabaseKorinte 2:1

Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha , ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu.

1 kwabaseThesalonika 2:19

Ngokuba liyini ithemba lethu , nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na?

1 kwabaseThesalonika 3:13

ukuze iqi nise izinhliziyo zenu , zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.

1 kwabaseThesalonika 5:23

Kepha uNk ulunkulu wokuthula , yena uqobo , makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.

1 uSamuweli 18:6

Kwathi ekufikeni kwabo , uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti , abesifazane baphuma emizini yonke yakwa -Israyeli, behlabelela besina , ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu , nangokuthokoza, nangezinkenenezo.

1 uSamuweli 4:13

Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu , wakubika, wakhala umuzi wonke.

1 uSamuweli 5:10

Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e -Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e -Ekroni abase -Ekroni bakhala bathi : Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.

2 AmaKhosi 6:32

Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe , namalunga ehlezi naye ; kepha, singakafiki kuye isithunywa , wathi emalungeni: Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na ? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo , nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo ; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?

2 AmaKhosi 9:2

Ekufikeni kwakho khona, wofuna uJehu indodana kaJehoshafati kaNimishi, ungene, umsukumise phakathi kwabafowabo , umyise ekamelweni elingaphakathi.

2 AmaKhosi 9:5

Ekufikeni kwayo, bheka, izinduna zempi zazihlezi; yathi: Nginendaba kuwe nduna. Wathi uJehu: Kubani phakathi kwethu sonke na ? Yathi-ke: Kuwena nduna.

2 kwabaseKorinte 12:20

Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana , nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,

2 kwabaseKorinte 2:3

Ngakuloba khona lokho , funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo , nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.

2 uSamuweli 1:2

kwathi-ke ngosuku lwesithathu , bheka, kwaphuma umuntu ekamu likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukil e, enomhlabathi ekhanda , wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.

2 uSamuweli 4:4

UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo . Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha , wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.

2 uSamuweli 6:6

Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u -Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela.

AbAhluleli 1:14

Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise ; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?

IzEnzo 13:5

Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo.

KwabaseGalathiya 2:11

Kepha ekufikeni kukaKhefase e -Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso , ngokuba wayenecala.

NgokukaLuka 19:23

awufakanga ngani imali yami ebhange , mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na?

NgokukaLuka 6:48

Ufana nomuntu owayakha indlu , wemba washonisa , wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu , kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.

NgokukaMathewu 25:27

Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange , mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo.

U-Ezra 2:68

Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;

U-Isaya 14:9

Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiw e ukuba ikuhlangabez e ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi , zonke izikhulu zomhlaba , isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.

U-Isaya 50:2

Ngalokho ekufikeni kwam i kwaba ngani ukuba kungabikho muntu , nasekubizeni kungabikho ophendulayo , na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na ? Noma angisenamandla okophula na ? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle , ngenze imifula ibe yihlane ; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.

UDuteronomi 29:7

Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no -Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba,

UGenesise 30:38

Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza ; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza.

UJeremiya 51:61

UJeremiya wathi kuSeraya : Ekufikeni kwakho eBabele bhekisisa ukuba ufunde onke lawa mazwi,

UJoshuwa 15:18

Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise ; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?

UJoshuwa 2:18

uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo , uzibuthele endlini y akho uyihlo , nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo.