Skip to Content

"ekuhambeni"

36 occurrences in ZUL

1 iziKronike 18:3

UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.

1 kaPetru 1:15

kodwa njengowanibizayo engcwele , manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,

1 kaPetru 1:18

nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,

2 AmaKhosi 4:24

Wayesebophela imbongolo, wathi encekwini yakhe : Qhuba, uhambe njalo, ungangimisi ekuhambeni, uma ngingakutsheli.

2 iziKronike 21:15

wena wehlelw e yisifo esikhulu , isifo sezibilini , ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku.

2 iziKronike 21:19

Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ng esikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili , izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe , wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise.

2 kaPetru 3:11

Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu,

2 uSamuweli 11:10

UDavide esetsheliwe ukuthi u -Uriya akehlelanga endlini yakhe , uDavide wathi ku-Uriya: Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?

2 uSamuweli 2:19

U-Asaheli wamxosha u -Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri.

2 uSamuweli 8:3

UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe , inkosi yaseSoba , ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.

AbAhluleli 16:30

USamsoni wathi: Mangife namaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo . Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

AbAhluleli 17:8

Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo ; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa -Efrayimi endlini kaMika.

IzAga 26:2

Njengomzwilili ekuhambeni kwaw o nanjengenkonjane ekundizeni kwayo , kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.

IzAga 4:12

Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa , nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.

IzAga 6:22

Mayikuhole ekuhambeni kwakho , ikulondoloze ekulaleni kwakho , ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.

IzEnzo 9:3

Kepha ekuhambeni kwakhe , esesondela eDamaseku , kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini.

KumaHeberu 2:15

abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.

NgokukaLuka 10:38

Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile ; owesifazane othile , igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe.

NgokukaLuka 11:6

ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni , kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;

NgokukaMathewu 10:7

Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.

U-Eksodusi 4:21

UJehova wathi kuMose: Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe ; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.

U-Isaya 3:16

Wathi futhi uJehova: Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa, ehamba elula izintamo , eqhikiza amehlo , ehamba ecokama ekuhambeni kwawo, ekhenceza ngezinyawo zawo,

UGenesise 25:18

Bahlala-ke kwasukela eHavi la kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e -Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo. Ukuzalwa kuka-Esawu noJakobe

UHezekeli 10:11

Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine , awaphendukanga ekuhambeni kwawo , kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.

UHezekeli 10:16

Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo , nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabath ini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo.

UHezekeli 1:12

Zahamba zonke ngokuqonda kobuso bazo , zaya khona , lapho umo ya wayethanda ukuya khona, aziphendukanga ekuhambeni kwazo.

UHezekeli 1:17

Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine ; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.

UHezekeli 1:19

Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo , nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.

UHezekeli 1:21

Ekuhambeni kwazo nawo ahamba ; ekumeni kwazo nawo ema ; ekuphakanyisweni kwazo emhlabeni aphakanyiswa namasondo kanye nazo , ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.

UHezekeli 1:24

Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla , nomsindo wesidu mo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.

UHezekeli 1:9

amaphiko azo ayehlangene , elinye nelinye ; aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso.

UJeremiya 51:59

Izwi uJeremiya umprofethi ayala ngalo uSeraya indodana kaNeriya kaMakhaseya ekuhambeni kwakhe noSedekiya inkosi yakwaJuda eya eBabele ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe . USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.

UNahume 2:5

Useyakhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ekuhambeni kwazo; zisheshela izingange zakhona, izivikelo ziyalungiswa.

UNumeri 9:13

Kepha umuntu ohlambulukileyo , engekho ekuhambeni , oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo , ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo ; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.

UmShumayeli 1:6

Umoya uya ngaseningizimu , uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.

UmShumayeli 6:12

Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?