Skip to Content

"ekukholweni"

31 occurrences in ZUL

1 kaPetru 5:9

melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni. Isigcino

1 kuThimothewu 1:2

kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu ukhumbuza uThimothewu ukuba alwe nesifundiso samanga e-Efesu

1 kuThimothewu 2:15

kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana , uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.

1 kuThimothewu 2:7

engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli -- ngikhuluma iqiniso , angiqambi amanga -- yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.

1 kuThimothewu 3:13

Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizu zela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu. Umgomo wale ncwadi

1 kuThimothewu 4:1

Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni , benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni,

1 kuThimothewu 6:21

okuthi abanye bekuvuma, baduka ekukholweni. Umusa mawube nani.

1 kwabaseKorinte 16:13

Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

1 kwabaseThesalonika 1:1

OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseTheselonika elikuNkulunkulu uBaba , naseNkosini uJesu Kristu : Makube kini umusa nokuthula. UPawulu ubonga ukuqala kwabo okuhle ekukholweni; wethemba ukukhethwa kwabo ngevangeli eliqinisileyo abalamukele

1 kwabaseThesalonika 3:10

Ubusuku nemini sinxusa nokunxusa ukuba sibone ubuso benu , siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.

2 kaPetru 1:5

ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni , nasebuhleni ukwazi,

2 kwabaseKorinte 1:24

kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.

EkaJakobe 2:5

Yizwani, bazalwane bami abathandekayo . UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?

EkaJuda 1:16

Yilabo abakhononayo nabasolayo , behamba ngezinkanuko zabo , umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo. UJuda ululeka ukuba baqine ekukholweni

EkaJuda 1:20

Kepha nina bathandekayo , yakhelanani ekukholweni kwenu okungcw ele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,

IzEnzo 13:8

Kodwa u -Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa , wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.

IzEnzo 14:22

baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni , bethi: Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.

IzEnzo 16:5

Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni , anda ngobuningi imihla ngemihla.

KuThithu 1:13

Lobo bufakazi buqinisile . Ngalokho-ke ubayalisise , ukuze baphile ekukholweni,

KuThithu 2:2

sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo , azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni;

KuThithu 3:15

Bonke abanami bayakhonza kuwe . Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke.

KumaHeberu 5:10

ebizwa n guNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki. Basengabantwana ekukholweni

KwabaseFilipi 1:25

Lokhu nginalo leli themba , ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala , yebo, ngihlale nani nonke, kube ngukuqhubeka nokuthokoza kwenu ekukholweni,

KwabaseKolose 1:23

uma kambe nihlala ekukholweni , nisekeliwe nigxilile , ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo , elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu. UPawulu uthokozela ukubasebenzela nokubalwela

KwabaseKolose 2:7

nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.

KwabaseRoma 14:1

Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni , kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.

KwabaseRoma 14:23

kepha ongabazayo, nxa edla, ulahliwe, ngokuba kungengokukholwa; konke okungaveli ekukholweni kuyisono.

KwabaseRoma 15:13

UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele. UPawulu uchaza umsebenzi wakhe

KwabaseRoma 1:17

Ngokuba ukulunga kukaNku lunkulu kwambulwa kulo , kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi : Olungileyo uzakuphila ngokukholwa. Intukuthelo kaNkulunkulu ngezono zabezizwe

KwabaseRoma 4:19

engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile;

KwabaseRoma 4:20

akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa , kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo,