Skip to Content

"ekulingweni"

10 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 6:9

Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni , nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo , ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.

2 kaPetru 2:9

iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu , kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,

EkaJakobe 1:12

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni ; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

NgokukaLuka 11:4

usithethelele izono zethu , ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.

NgokukaLuka 22:28

Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;

NgokukaLuka 22:40

Esefikile endaweni wathi kubo: Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.

NgokukaLuka 22:46

Wathi kubo : Nilaleleni na ? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni. Ukuboshwa kukaJesu (Math. 26:47; Mark. 14:43; Joh. 18:2)

NgokukaMarku 14:38

Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.

NgokukaMathewu 26:41

Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.

NgokukaMathewu 6:13

ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi ; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.