Skip to Content

"ekulungeni"

17 occurrences in ZUL

1 kaPetru 2:24

yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini , ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni , oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;

2 kuThimothewu 3:16

Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa , nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni,

AmaHubo 17:15

Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni , ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.

AmaHubo 26:1

Ngahlulele, Jehova, ngokuba n gihamba ekulungeni kwami ; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

AmaHubo 26:11

Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi.

AmaHubo 65:5

Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni , Nkulunkulu wensindiso yethu , wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlab a nelolwandle olukude;

AmaHubo 69:27

Yengezela ukona ekoneni kwabo; mabangezi ekulungeni kwakho.

IzAga 11:19

Oqinile ekulungeni uyakuphila , kepha olandela okubi , kuyakuba ngukufa kwakhe.

Kwabase-Efesu 4:24

nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.

UDaniyeli 12:3

Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka , nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube pha kade naphakade.

UHezekeli 18:24

Kepha lapho olu ngileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.

UHezekeli 18:26

Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi , uyakufa ngakho, afe ngenxa yokubi akwenzileyo.

UHezekeli 33:13

Lapho ngisho kolungileyo ukuthi uyakuphila nokuphila , yena abesethemba ekulungeni kwakhe kodwa, enze okubi, akuyikukhunjulwa nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela kokubi akwenzileyo.

UHezekeli 33:18

Lapho olungileyo ebuya ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho.

UHezekeli 3:20

Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi , ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe , uyakufa. Uma ungamxwayisanga , uyakufela ezonweni zakhe , nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa , kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.

UJobe 27:6

Ngibambelela ekulungeni kwami , angikuyeki; inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami.

UmShumayeli 7:15

Konke ngikubonile emihleni yami eyize : kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe , kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.