Skip to Content

"elebanoni"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:14

Wabathuma eLebanoni , beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga , bededelana; babe seLebanoni inyanga , babe sekhaya izinyanga ezimbili ; u- Adoniramu wayephezu kwezisebenzi.

1 AmaKhosi 5:6

Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni , izinceku zami zibe nezakho ; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.

1 AmaKhosi 5:9

Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle , ziye endaweni oyakungiyalela yona , zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla.

2 iziKronike 2:16

Thina siyakugawula imithi eLebanoni njengokuswela konke kwakho , siyiyise kuwe eJopha elwandle ngezihlenga , wena uyikhuphulele eJerusalema.

2 iziKronike 2:8

Ngithumele futhi imisedari, nemisayipuresi, nemi-alimugi evela eLebanoni, ngokuba ngiyazi ukuthi izinceku zakho ziyakwazi ukugawula imithi eLebanoni; bheka, izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho

AmaHubo 92:12

Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari eLebanoni.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:8

Woza umuke nami eLebanoni, makoti wami, umuke nami eLebanoni, wehle esiqongweni sase -Amana, nasesiqongweni saseSeniri naseHermoni , simuke emihumeni yezingonyama, nasezintabeni zezingwe.

U-Ezra 3:7

Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.

UHabakuki 2:17

Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela , ukuchithwa kwezilwane kukwesabise , ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.

UHezekeli 17:3

uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu noluzimpaphe zalo zinkulu, lugcwele izimpaphe ezinemibala eyahlukeneyo, lweza eLebanoni, lwathatha isihloko somsedari,

UHezekeli 27:5

Ngemisayipuresi yaseSeniri benzile onke amapulangwe akho ; balandile umsedari eLebanoni ukwenza insika yakho.

UJeremiya 22:20

Khuphukela eLebanoni, ukhale; phakamisa izwi lakho eBashani , ukhale use-Abarimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.

UJeremiya 22:23

Wena ohlala eLebanoni , owakha isidleke sakho kuyo imisedari , uyakuhawukelwa kangakanan i ngokufikelwa kwakho yimihelo , imihelo enjengeyobelethayo!

UJoshuwa 13:6

bonke abakhileyo ezintabeni , kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefoti Mayimi, onke amaSidoni ; mina ngiyakuwaxosha phambi kwa bantwana bakwa-Israyeli, wena-ke ulabele abakwa -Israyeli ngenkatho , libe yifa njengokukuyala kwami.