Skip to Content

"elimi"

6 occurrences in ZUL

U-Eksodusi 15:26

wathi: Uma u lalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ukwenze okulungile emehlweni akhe , ulalele imiyalo yakhe , ugcine izimiso zakhe zonke , angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo. Ukufika kwabakwa-Israyeli e-Elimi

U-Eksodusi 15:27

Bafika e -Elimi, lapho kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona ngasemanzini.

U-Eksodusi 16:1

Basuka e -Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa -Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe -Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe.

U-Isaya 15:8

Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi , nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.

UNumeri 33:10

Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle Olubomvu.

UNumeri 33:9

Basuka eMara , bafika e -Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.