Skip to Content

"elinamandla"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:28

Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo , wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.

1 iziKronike 12:28

noSadoki insizwa eyiqhawe elinamandla , nasendlini kayise izinduna ezingamashumi amabili nambili.

1 uSamuweli 16:18

Kwaphendula enye insizwa , yathi: Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha , eyiqhawe elinamandla , eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.

1 uSamuweli 9:1

Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli ka Serori kaBekhorati ka -Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla.

2 AmaKhosi 5:1

UNahamani induna yempi yenkosi yase -Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe , otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i -Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.

2 iziKronike 17:17

kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla , enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;

AbAhluleli 11:1

UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta.

AbAhluleli 6:12

Ingelosi kaJehova yabonakala kuye , yathi kuye : UJehova unawe wena qhawe elinamandla.

AmaHubo 68:33

yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo ; bhekani, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.

EkaJakobe 1:21

Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo , namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

IzAga 14:26

Ekumesabeni uJehova kukho na ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.

UGenesise 10:9

Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova ; ngalokho kuthiwa : Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.

UJobe 4:11

Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango ; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.