Skip to Content

"elokugcina"

6 occurrences in ZUL

1 kwabaseThesalonika 4:1

Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu , njengalokho nihamba kanjalo , manivame kakhulu kulokho.

2 kwabaseKorinte 13:11

Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula ; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.

2 kwabaseThesalonika 3:1

Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze , lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini,

Kwabase-Efesu 6:10

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.

KwabaseFilipi 3:1

Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.

KwabaseFilipi 4:8

Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;