Skip to Content

"emafwini"

10 occurrences in ZUL

1 kwabaseThesalonika 4:17

khona thina , esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini , sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.

NgokukaMarku 13:26

Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini , inamandla amakhulu nenkazimulo.

NgokukaMathewu 24:30

Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu , bese zikhala izizwe zonke zomhlaba , zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.

NgokukaMathewu 26:64

UJesu wayesethi kuye : Usho khona . Nokho ngithi kini : Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla , iza emafwini ezulu.

UGenesise 9:13

ngizakumisa uthingo lwami emafwini , lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.

UGenesise 9:14

Kuyakuthi lapho ngiqoqa ama fu phezu komhlaba , uthingo lubonakale emafwini.

UHezekeli 31:14

ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini , yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi ; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu , kwabehlelayo egodini.

UJobe 20:6

Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini , nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,

UJobe 26:8

Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo.

UJobe 38:34

Ungaphakamisela izwi lakho emafwini , ukuze amanzi aman ingi akusibekele, na?