Skip to Content

"emandleni"

20 occurrences in ZUL

AmaHubo 21:13

Mawuphakame, Jehova, emandleni akho ; thina siyakuhlabelela , sidumise amandla akho.

AmaHubo 22:20

Sindisa umphefumulo wami enkembeni, ukuphila kwami emandleni ezinja.

AmaHubo 84:7

Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.

AmaHubo 89:48

Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa , akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela

IzEnzo 26:18

ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni , baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane , baphendukele kuNkulunkulu , ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.

IzEnzo 5:4

Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na ? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.

IzEnzo 9:22

Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.

Kwabase-Efesu 3:16

ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;

KwabaseKolose 1:13

owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;

NgokukaLuka 20:20

Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe.

U-Isaya 27:5

noma abambelele emandleni am i ukuba enze ukuthula nami , enzelane ukuthula nami.

U-Isaya 30:2

abahamba ukuba behlele eGibithe , bengacelanga emlonyeni wami , baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!

U-Isaya 47:14

Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo , abayikuzophula emandleni elangabi; akusilo ilahle lokotha, akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.

UDaniyeli 6:27

Uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.

UDuteronomi 28:32

Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe , amehlo akho abheke , aphele ngokuwalangazelela lonke usuku , kungabikho lutho emandleni esandla sakho.

UJobe 21:7

Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?

UJobe 36:5

Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.

UJobe 5:20

Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni nasempini emandleni enkemba.

UJobe 8:4

Uma abantwana bakho bonile kuye, yena wabanikela emandleni ezono zabo,

UJobe 9:4

Ehlakaniphile enhliziyweni , eqinile emandleni , ngubani oziqinisele kuye , waphumelela,