Skip to Content

"emfuyweni"

7 occurrences in ZUL

2 iziKronike 31:3

nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa , eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa , neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga , neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.

NgokukaLuka 6:45

Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo , nomubi uveza okubi emfuyweni embi ; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

U-Eksodusi 9:6

Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso ; yafa yonke imfuyo yaseGibithe , kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa.

U-Eksodusi 9:7

UFaro wathumela ; bheka, emfuyweni yakwa -Israyeli akufanga neyodwa; kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe. Inhlupheko yesithupha: amathumba

U-Obadiya 1:13

Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo , ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo , ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.

UHezekeli 46:18

Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo ; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.

UHezekeli 7:11

Ubudlova buyavuka , bube yintonga yokubi , kungasali muntu kubo nasesixukwini sabo, kungasali lutho emfuyweni yabo nasebukhosini babo.