Skip to Content

"emgodini"

37 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 17:9

Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo ; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje , okuzwayo athi : Abantu abalandela u -Abisalomu banqotshiwe;

2 uSamuweli 18:17

Bamthatha u -Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini , babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe ; bonke abakwa -Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.

AmaHubo 28:1

Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.

AmaHubo 30:3

Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo , wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.

AmaHubo 40:2

Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi , wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.

AmaHubo 88:4

Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo.

AmaHubo 88:6

Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.

EkaJakobe 3:11

Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na?

IsAmbulo 9:2

Yayisivula umgodi wakwalasha ; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.

IsiLilo 3:53

Banqume ukuphila kwami emgodini, bangiphonsa ngetshe.

IzAga 28:10

Odukisela abaqotho endleleni emb i uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.

IzAga 5:15

Phuza amanzi emgodini wakho, amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.

NgokukaLuka 14:5

Wathi kubo: Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini , angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?

NgokukaLuka 6:39

Wabatshela nomfanekiso wokuthi : Impumputhe ingahola impumputhe na ? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na?

NgokukaMathewu 12:11

Kepha wathi kubo : Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa , uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?

NgokukaMathewu 15:14

Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.

U-Isaya 24:18

Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesab a awele emg odini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe , ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe , nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.

U-Isaya 24:22

Bayakubuthelwa ndawony e njengeziboshwa zibuthelwa emgodini , bavalelwe etilongweni, bajeziswe emva kwezinsuku eziningi.

U-Isaya 25:10

Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.

U-Isaya 30:14

Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi , esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihleph u nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.

UGenesise 37:24

Bamthatha, bamphonsa emgodini ; umgodi wawungenalutho , kungekho manzi kuwo.

UGenesise 37:28

Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani ; bamdonsa uJosefa , bamkhuphula emgodini , bathengisa ngoJosefa kwabakwa -Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili ze siliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.

UGenesise 37:29

URubeni wabuyela emgodini ; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini ; waklebhula izingubo zakhe.

UGenesise 40:15

Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu , nalapha futhi angenzanga lutho ukuba bangifake emgodini.

UGenesise 41:14

UFaro wayesethuma wambiza uJosefa ; bashesha bamkhipha emgodini ; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.

UHezekeli 19:4

Izizwe zezwa ngalo , labanjwa emgodini wazo ; zaliyisa ngezingwegwe ezweni laseGibithe.

UHezekeli 19:8

Izizwe zase zilihlelela nxazonke , zivela emazweni , zeneka phezu kwalo inetha, labanjwa emgodini wazo.

UJeremiya 38:10

Inkosi yayisimyala u -Ebedi Meleki umKushe , ithi: Thatha lapha abantu abangamashumi amathathu, uhambe nabo, umkhiphe uJeremiya umprofethi emgodini, engakafi.

UJeremiya 38:11

U-Ebedi Meleki wabathatha abantu , wahamba nabo, waya endlini yenkosi phansi kwendlu yengcebo , wakhipha khona amadlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo, wawehlisela kuJeremiya emgodini ngezintambo.

UJeremiya 38:13

Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo , bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo. UJeremiya uhlangana ngasese noSedekiya

UJeremiya 38:6

Zase zimthatha uJeremiya , zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo , bamehlisa uJeremiya ngezintambo . Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.

UJeremiya 38:7

U-Ebedi Meleki umKushe , umthenwa, owayesendlini yenkosi , esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini , inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini,

UJeremiya 38:9

Nkosi yami , nkosi, laba bantu benzile okubi ngakho konke abakwenzile kuJeremiya umprofethi, abamphonsile emgodini; uyakufela endaweni lapho ekhona ngokulamba, ngokuba akusekho ukudla emzini.

UJeremiya 41:7

Kwathi sebengenile phakathi komuzi , u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wababulala, wabalahla emgodini, yena namadoda ayenaye.

UJeremiya 48:44

Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini , okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni , ngokuba ngiyakw ehlisela phezu kwabo , phezu kukaMowabi, umnyaka wokujeziswa kwabo, usho uJehova.

UJobe 9:31

uyakungicwilisa nokho emgodini, izingubo zami zinengwe yimi.

UZakariya 9:11

Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho , ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.