"emkhunjini"
50 occurrences in ZUL
Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini , samuka saya e -Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu ; ngokuba wayenqumile kanjalo , yena ebezakuhamba ngezinyawo.
belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe . Base bemphelekezela, baya emkhunjini.
savalelisana, sangena emkhunjini, kepha bona babuyela emakhaya.
Sangena emkhunjini wase -Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase - Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.
yathi: U ngesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari ; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.
Abomkhumbi sebefuna uku baleka emkhunjini, behlisela isikebhe elwandle ngokungathi bazakuphonsa amahange enhlokweni yomkhumbi,
uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni : Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.
USimoni Petru wathi kubo: Ngiya kodoba. Bathi kuye: Nathi sihamba nawe. Base bephuma , bangena emkhunjini ; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.
bangena emkhunjini , bawela ulwandle beya eKapernawume . Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo.
Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu , babona uJesu ehamba phezu kolwandle , esondela emkhunjini; bethuka.
Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo. Isinkwa sokuphila
Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona , sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe , kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa,
Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini , yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: Asiwele siye ngaphesheya kolwandle . Basuka- ke.
Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo , ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu ; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.
Wababiza masinyane ; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle . Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu , waze wangena emkhunjini , wahlala elwandle ; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.
Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya , amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala.
Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?
Wathi ukuba angene emkhunjini , lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye.
Esephume emkhunjini , kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.
Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini , bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku.
Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo.
Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane.
Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe , weza ezweni laseDalmanutha. Abafuna izibonakaliso (Math. 12:38; 16:1; Luk. 11:29)
Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.
Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa , bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini.
Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini.
Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini , bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku.
Wayesethi: Woza. Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.
Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka.
Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini , wafika emik hawulweni yaseMagadana.
Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla , bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,
Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela.
Wayesengena emkhunjini, wawela, weza emzini wakubo.
Yakha umkhumbi ngemithi yegofere , wenze amakamelo emkhunjini , uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.
Yenza ifasitele emkhunjini , uligcine ngaphezulu libe yingalo inye , ufake umnyango womkhumbi ohlangothini lwawo, uwenze ube nendlu engaphansi nengaphakathi nengaphezulu.
Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe , uze ungene emkhunjini , wena namadodana akho , nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
UJehova wathi kuNowa : Ngena emkhunjini , wena nendlu yakho yonke , ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.
Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila.
Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba , abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo , nezinyoni zezulu ; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa ka nye nakho okwakukhona naye emkhunjini.
UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe , nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo.
kwangena ngambili emkhunjini kuNowa , iduna nensikazi , njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.
UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa , nezilwane zonke , nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini . UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba , amanzi abohla.
Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa ; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.
Phuma emkhunjini , wena nomkakho , namadodana akho , nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
Zonke izilwane , nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo , nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini. Umnikelo kaNowa nesithembiso sikaJehova
Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo , labuyela kuye emkhunjini , ngokuba a manzi ayesesebusweni bomhlaba wonke ; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini.
nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni.
Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu wayenguyise kaKhanani.