Skip to Content

"emoyeni"

40 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 19:11

Wathi: Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova . Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba , waphahlaza amadwala phambi kukaJehova ; kepha uJehova wayen gekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba ; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba;

1 kaPetru 3:18

Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono , olungileyo ngenxa yabangalungile , ukuba asiyise kuNkulunkulu , ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,

1 kaPetru 4:6

Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.

1 kuThimothewu 3:16

Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi : Owabonakaliswa enyameni , walungisiswa emoyeni , wabonwa yizingelosi , washunyayelwa ezizweni , wakholeka ezweni , waphakanyiselwa enkazimulweni.

1 kwabaseKorinte 14:9

Kanjalo nani , uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi , kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni.

1 kwabaseThesalonika 4:17

khona thina , esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini , sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.

2 kwabaseKorinte 2:13

angibanga nakuthula emoyeni wami, ngokuba ngingamfumananga uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa kubo, ngaya eMakedoniya.

AmaHubo 139:7

Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho , na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na?

AmaHubo 18:42

Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini.

AmaHubo 32:2

Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko , kungekho nkohliso emoyeni wakhe.

AmaHubo 35:5

Mababe njengamakhoba emoyeni, ingelosi kaJehova ibadudule.

AmaHubo 55:8

Ngabe ngiphuthuma indawo yokupheph a emoyeni ovunguzayo nasesiphephweni.

IsAmbulo 16:17

Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni ; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: Sekwenzekile.

IzAga 11:13

Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo , kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.

IzAga 30:19

indlela yokhozi emoyeni, nendlela yenyoka edwaleni, nendlela yomkhumbi phakathi kolwandle, nendlela yendoda entombini.

IzEnzo 18:25

Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi ; evutha emoyeni wakhuluma , wafundisa ngesineke izindaba eziqo ndene noJesu , azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela;

IzEnzo 19:21

Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto , uPawulu wazimisela emoyeni uku ya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne -Akhaya, wathi: Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.

IzEnzo 20:22

Kepha manje , bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni , ngingakwazi okuzakungehlela khona,

IzEnzo 27:40

Banquma amahange bawashiya elwandle , bathukulula futhi izintambo zamaphini okuqondisa , baphakamisela emoyeni indwangu ephambili , baqonda ogwini.

Kwabase-Efesu 4:23

nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu,

KwabaseFilipi 1:27

Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu , kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho , ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,

KwabaseRoma 12:11

ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;

KwabaseRoma 14:17

Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho u kudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,

KwabaseRoma 1:9

Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula

KwabaseRoma 7:6

kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni , sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala. Umthetho nesono

KwabaseRoma 9:1

Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu , angiqambi amanga , unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele

NgokukaJohane 11:33

Ngakho uJesu embona ekhala , nabaJuda abafika naye bekhala , wabubula emoyeni, wakhathazeka;

NgokukaJohane 13:21

UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni , wafakaza wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.

NgokukaLuka 1:17

Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka -Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.

NgokukaLuka 1:80

Wakhula-ke umntwana , waba namandla emoyeni ; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.

NgokukaMarku 2:8

UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?

NgokukaMarku 8:12

Wabubula emoyeni wakhe, wathi: Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.

NgokukaMathewu 5:3

Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

U-Isaya 29:24

Abaduka emoyeni bayakwazi , baqonde, nabakhononayo bayakufunda , bakwamukele.

U-Isaya 54:6

Ngokuba uJehova ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona omalayo na? usho uNkulunkulu wakho.

UHezekeli 11:5

UMoya kaJehova wehlela phezu kwami , wathi kimi: Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka -Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.

UHezekeli 5:2

Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi , seziphelile izinsuku z okuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu , ugalele ngenkemba nxazonke zayo , nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni , ngihoshe inkemba emva kwazo.

UJeremiya 52:23

Kwakukhona amapomegranati angamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha ngas emoyeni; onke amapomegranati asen etheni nxazonke ayeyikhulu.

UJobe 30:22

Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo, wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.

UmShumayeli 7:9

Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.