Skip to Content

"empi"

40 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 9:22

Kodwa kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi , nezinceku zakhe , nezikhulu zakhe , nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.

1 iziKronike 12:38

Onke lawo madoda empi , angahlela impi , afika eHebroni ngezinhliziyo ezipheleleyo ukubeka uDavide inkosi kwa -Israyeli; nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukumbeka uDavide inkosi.

1 iziKronike 20:1

Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi , uJowabe wahola amaqhawe empi , wachitha izwe labantwana bakwa -Amoni, weza wavimbezela iRaba ; kepha uDavide wahlala eJerusalema . UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.

1 iziKronike 7:4

Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa , abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi.

1 uSamuweli 18:5

UDavide waphuma , waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona , waziphatha ngokuhlakanipha ; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi ; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.

2 AmaKhosi 25:19

yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi , nabantu abayisihlanu kwababesebu sweni benkosi abafunyanwa emzini , nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe , nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini.

2 AmaKhosi 25:4

Kepha wawusufohlwa umuzi , onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba.

2 AmaKhosi 3:9

Yayisihamba inkosi yakwa -Israyeli, nenkosi yakwaJuda , nenkosi yakwa - Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa ; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.

2 iziKronike 17:13

Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi , amaqhawe anamandla, eJerusalema.

2 iziKronike 8:9

Kepha kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe , ngokuba babengamadoda empi , nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.

AbAhluleli 20:17

Abantu bakwa -Israyeli ngaphandle kukaBenjamini babalwa baba yizinkulungwane ezingamakhulu amane , amadoda ahlome inkemba ; bonke labo babe ngamadoda empi.

U-Isaya 3:2

amaqhawe namadoda empi, abahluleli nabaprofethi, ababhuli namalunga,

U-Isaya 42:25

Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe , namandla empi; kwamvuthela nxazonke , kepha akakwazanga ; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.

UDuteronomi 2:14

Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili , kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu , njengalokho uJehova afunga kuwo.

UDuteronomi 2:16

Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,

UHezekeli 27:10

AbasePheresiya noLude noPhuthi babe sempini yakho , amadoda empi yakho; baphanyeka izihlangu nezigqoko kuwe; baveza ubuhle bakho.

UHezekeli 27:14

Abendlu yaseThogarma benana impahla yakho ngamahhashi nangamahhashi empi nangeminyuzi.

UHezekeli 27:27

Ingcebo yakho , nempahla yakho , nentutho yakho , amatilosi akho , nabashayeli bakho , abavimbi zimf a bakho , nabaphathi bakho bokuthenga, nawo onke amadoda akho empi akuwe , naso sonke isixuku esiphakathi kwakho kuyakuwela enhliziyweni yolwandle ngosuku lokuwa kwakho.

UHezekeli 39:20

Niyakusutha etafuleni lami ngamahhashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi, isho iNkosi uJehova.

UJeremiya 38:4

Zase zithi izikhulu enkosini: Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo , ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.

UJeremiya 39:4

Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.

UJeremiya 41:16

UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku -Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa , yena esembulele uGedaliya indodana ka -Ahikamu, amadoda empi , nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.

UJeremiya 41:3

U-Ishmayeli wabulala nabo bonke abaJuda ababe naye uGedaliya eMispa , namaKaledi, amadoda empi ayefunyanwa khona.

UJeremiya 49:26

Ngalokho izinsizwa zawo ziyakuwa ezitaladini zalo , nawo onke amadoda empi ayakuthuliswa ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti.

UJeremiya 50:30

Ngalokho izinsizwa zal o ziyakuwa ezitaladini zalo , nawo onke amadoda alo empi ayakunqunywa ngalolo suku, usho uJehova.

UJeremiya 51:32

Amazibuko avinjiwe, umhlanga ushisiwe ngomlilo, amadoda empi ayesaba.

UJeremiya 52:25

yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi , nabantu abayisikhombisa kwaba besebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe , nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa phakathi komuzi.

UJeremiya 52:7

Kepha wawusufohlwa umuzi , onke amadoda empi abaleka , aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi -- amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi -- ahamba ngendlela yase - Araba.

UJoshuwa 10:24

Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye : Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi . Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.

UJoshuwa 5:4

Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso : bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi , bafa ehlane ngasendleleni , sebephumile eGibithe.

UJoshuwa 5:6

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane , saze saphela isizwe sonke , yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova , afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi.

UJoshuwa 6:3

Niyakuhaqa umuzi , onke amadoda empi , niwuzungeze umuzi kanye . Uyakwenze njalo izinsuku eziyisithupha.

UJoweli 2:7

Bagijima njengamaqhawe , bakhwela ezingangeni njengamadoda empi ; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe , abaphambanisi izindlela zabo.

UJoweli 3:9

Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe , ningcwelise impi , niwavuse amaqhawe; mawasondele, enyuke onke amadoda empi.

UNumeri 31:21

Umpristi u -Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni : Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:

UNumeri 31:27

wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke,

UNumeri 31:28

uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni , kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,

UNumeri 31:32

Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezinga makhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu,

UNumeri 31:49

Izinceku zakho zibale onke amadoda empi asesandleni sethu , akwasala neyodwa yethu.

UNumeri 31:53

Ngokuba amadoda empi ayezithathele impango , kwaba yileyo naleyo ngokwayo.