Skip to Content

"emthethweni"

48 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:3

ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,

1 iziKronike 16:40

ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe -altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,

1 kwabaseKorinte 14:21

Emthethweni kulotshiwe ukuthi : Ngabantu bezinye izilimi , nangezindebe zabezinye izizw e ngiyakukhuluma kulesi sizwe ; kepha noma kunjalo abayikungizwa, kusho iNkosi.

1 kwabaseKorinte 9:9

Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi : Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele. Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?

2 AmaKhosi 10:31

Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunk ulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe , kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.

2 iziKronike 23:18

UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminike lo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.

2 iziKronike 25:4

Kodwa akabulalanga abantwana bazo , kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi : Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana , nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.

2 iziKronike 31:3

nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa , eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa , neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga , neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.

2 iziKronike 31:4

Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.

2 iziKronike 35:26

Ezinye izindaba zikaJosiya , nezenzo zakhe ezinhle nj engokulotshiweyo emthethweni kaJehova,

AmaHubo 119:51

Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu , kepha emthethweni wakho angichezuki.

AmaHubo 78:10

Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu , benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,

IzEnzo 24:14

Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba , ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;

IzEnzo 28:23

Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi , wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu , wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi , kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

KwabaseRoma 10:5

Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho.

KwabaseRoma 2:20

umyali weziwula nomfundisi wezingane , unakho ukuma kokwazi nokweqiniso emthethweni,

KwabaseRoma 7:2

Ngokuba owesifazane oganileyo uboshelwe ngomthetho endodeni isekhona; kepha nxa indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.

KwabaseRoma 7:23

kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.

KwabaseRoma 7:3

Ngalokho-ke la pho indoda isekhona , uyakuthiwa isiphingi, uma eba ngowenye indoda ; kepha nxa indoda isifile , ukhululekile emthethweni , angebe yisiphingi, uma eba ngowenye indoda.

KwabaseRoma 7:6

kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni , sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala. Umthetho nesono

KwabaseRoma 8:2

Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.

KwabaseRoma 9:31

kepha u -Israyeli, elandela umthetho wokulunga, kafinyelelanga emthethweni.

NgokukaJohane 10:34

UJesu wabaphendula wathi: Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi : Ngithe: Ningonkulunkulu, na?

NgokukaJohane 15:25

Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: Bangizonda ngeze.

NgokukaJohane 1:45

UFiliphu wafumana uNathanayeli , wathi kuye : Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofet hi, uJesu waseNazaretha , indodana kaJosefa.

NgokukaJohane 8:5

Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe . Pho, wena uthini na?

NgokukaLuka 10:26

Wathi kuso: Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?

NgokukaLuka 24:44

Wayesethi kubo : Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.

NgokukaLuka 2:23

njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi : Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi ,

NgokukaLuka 2:24

banikele ngomhlatshelo nj engokushiwo emthethweni weNkosi : Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.

NgokukaMathewu 12:5

Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?

NgokukaMathewu 22:36

Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?

U-Eksodusi 16:4

UJehova wayesethi kuMose : Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma , babuthe isabelo sosuku imihla ngemi hla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.

U-Ezra 3:2

Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki , nabafowabo abapristi , noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli , nabafowabo, bakha i -altare likaNkulunkulu ka -Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.

U-Ezra 7:6

u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka -Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.

U-Isaya 8:20

Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.

UDaniyeli 9:11

Wonke u -Israyeli weqile umthetho wakho , echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho ; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.

UDaniyeli 9:13

Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele , nokho asincenga nga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.

UHoseya 8:1

Beka icilongo emlonyeni wakho ; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova ; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.

UJeremiya 26:4

Uyakuthi kubo: U sho kanje uJehova , uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeke phambi kobuso benu,

UJeremiya 32:23

bangena balidla , kepha kabalilalelanga izwi lakho , abahambanga emthethweni wakho , abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.

UMalaki 2:8

Kepha nichezukile endleleni , nikhubekisile abaningi emthethweni ; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi, usho uJehova Sebawoti.

UMalaki 2:9

Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami , kepha nikhethe ubuso emthethweni.

UNehemiya 10:29

babambelela kubafowabo , abakhulu babo , benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni k aNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iN kosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe

UNehemiya 10:34

Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunku lu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,

UNehemiya 8:14

Bafumanisa kulotshiwe emthethweni ukuthi uJehova wayeyalile ngesandla sikaMose ukuba abantwana bakwa -Israyeli bahlale emadokodweni ngomkhosi wenyanga yesikhombisa,

UNehemiya 8:8

Bafunda encwadini , emthethweni kaNkulunkulu , bephumisela kahle ; bachaza, babaqondisa okufundwayo.

UNehemiya 9:29

wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza , uyakuphila ngazo , baphendula ihlombe ngenkani , benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.