Skip to Content

"emthini"

24 occurrences in ZUL

1 kaPetru 2:24

yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini , ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni , oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;

IsAmbulo 22:14

Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilu ngelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.

IsAmbulo 22:19

futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho , uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila , nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.

IzEnzo 10:39

Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini.

IzEnzo 13:29

Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.

IzEnzo 5:30

UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini;

KwabaseGalathiya 3:13

UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,

NgokukaLuka 23:31

Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza , kuyakwenziwani kowomileyo.

U-Esteri 2:23

Lapho indaba iphenywa , kufunyanwa ukuthi injalo , zaphanyekwa zombili emthini; kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi.

U-Esteri 6:4

Yayisithi inkosi: Ngubani osegcekeni na? UHamani wayesandUkungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.

U-Esteri 7:10

Base bemphanyeka -ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi . Yayisibohla intukuthelo yenkosi.

U-Esteri 8:7

Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: Bhekani, nginike u -Esteri indlu kaHamani ; yena bamphanyekile emthini , ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.

U-Esteri 9:13

U-Esteri wathi : Uma kukuhle enkosini , abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla , aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini.

U-Esteri 9:25

kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi , yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lak he, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.

UDuteronomi 21:22

Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,

UDuteronomi 21:23

isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini , kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku , ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.

UDuteronomi 22:6

Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda , unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,

UGenesise 3:24

Wamxosha u -Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase -Edene amakherubi kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo , ilinde indlela eya emthini wokuphila.

UGenesise 40:19

zingakadluli izinsuku ezintathu , uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho , alisuse kuwe , akuphanyeke emthini ; izinyoni ziyakudla inyama y akho, ziyisuse kuwe.

UHezekeli 27:6

Ngama-oki aseBashani benzile amaphini akho ; indeki yakho bayenzile ngophondo lwendlovu , lufakelwe emthini womkhoba ovela eziqhingini zaseKitimi.

UHoseya 4:12

Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele , ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.

UJeremiya 2:27

abathi emthini : U ngubaba, nasetsheni: Wena wangizala . Ngokuba bangifulathele, abangibheki; kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwab o bayakusho ukuthi: Vuka, usisindise.

UJobe 14:7

Ngokuba kukhona ithemba emthini : uma unqunywa , ungabuye uhlume , nehlumela lawo aliyikuphela.

UJoshuwa 8:29

Inkosi yase -Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa ; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini , basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi , wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla. I-altare entabeni yase-Ebali