"enamandla"
26 occurrences in ZUL
Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi : Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla ; uze nodaba oluhle.
Wathi uSolomoni : Uma eyakuba yindoda enamandla , akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe , kepha uma okub i kufumaniseka kuye, uyakufa.
NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.
Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule ; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.
Uma enamandla okulwa nami , angibulale, siyakuba yizigqila zenu ; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.
Phansi kwezandl a zabo kwakukhona impi enamandla eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nezinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukuba isize inkosi ezitheni.
nokuthi kusukela ebuntwaneni w azi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.
UBenaya indodana kaJehoyada , indodana yendoda enamandla , owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,
Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo ; uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.
Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
Bhekani nemikhumbi , ingaka nje , iqhutshwa yimimoya enamandla , iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu , nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo , nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu , yaliphonsa elwandle, yathi: Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.
Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu , ithi: Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?
Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo , yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo.
ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,
Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya pha mbi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.
Ngiyakubanikeza abaseGibith e esandleni senkosi elukhuni , nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo, isho iNkosi uJehova Sebawoti.
Uyakuvusela inkosi yasenin gizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, inempi enkulu enamandla impela ; kepha ayiyikuma , ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.
Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu , yenze njengentando yayo.
U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.
Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho , wena nabantu abaningi kanye nawe , bonke bekhwele amahhashi , iviyo elikhulu nempi enamandla,
Mina ngiyakulwa nani ngesandla eseluliweyo, nangengalo enamandla , nangentukuthelo, nangokufutheka, nangolaka olukhulu.
Nina nonke enimzungezayo manimkhalele ; nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi: Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla, udondolo oluhle!
Noma iBabele likhuphukela ezulwini , yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele, usho uJehova.
kepha izintaba ziyakuba ngezakho ; noma ziyihlathi , woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho , ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.