Skip to Content

"encwadi"

9 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 22:11

Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho , yaziklebhula izingubo zayo.

2 AmaKhosi 23:2

Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

2 iziKronike 34:21

Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu , ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi. Umprofethikazi uHulida

2 iziKronike 34:30

Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nabo bonke abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakhulu nabancane, wafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

IsAmbulo 22:19

futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho , uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila , nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.

U-Isaya 29:11

Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa ow azi incwadi ngokuthi : Ake ufunde lokhu , abesethi yena: Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,

U-Isaya 29:18

Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi, namehlo ezimpumputhe ayakubona, engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.

UJeremiya 29:1

Nanka amazwi encwadi uJeremiya , umprofethi, ayithumayo eseJerusalema kuyo insali yamalunga athunjiweyo , nakubapristi, nakubaprofethi, nakubo bonke abantu ayebathumbile uNebukadinesari eJerusalema , wabayisa eBabele,

UJeremiya 36:32

UJeremiya wayesethatha omunye umqulu , wawunika uBaruki umbhali , indodana kaNeri ya, owaloba kuwo , ewathatha emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi inkosi yakwaJuda ayeyishisile ngomlilo ; kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawo.