Skip to Content

"engena"

24 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 18:13

Ngalokho uSawule wamsusa kuye , wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.

1 uSamuweli 18:16

Kepha wonke u -Israyeli noJuda bamthanda uDavide , ngokuba wayephuma engena phambi kwabo. UDavide umkhwenyana wenkosi

2 AmaKhosi 12:9

UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo , wabhoboza imbobo esivalweni sawo , wawubeka eceleni kwe -altare ngakwesok unene lapho umuntu engena endlini kaJehova ; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.

2 uSamuweli 17:13

Noma engena emzini, wonke u -Israyeli uyakuyisa amagoda kulowo muzi , siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshana elilodwa.

IzEnzo 8:3

Kepha uSawulu walichitha ibandla , engena ezindlini ng ezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. UFiliphu ushumayela eSamariya

IzEnzo 9:28

Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi,

KumaHeberu 9:25

kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi , njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka , ephethe igazi elingesilo elakhe;

NgokukaJohane 10:9

Mina ngiyisango ; uma umuntu engena ngami , uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.

NgokukaMarku 14:14

Lapho engena khona, anothi kumninindlu: Uthi uMfundisi: Iphi indlu yami, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?

NgokukaMarku 6:56

Kwathi nomaphi lapho engena khona , emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini , bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.

NgokukaMathewu 21:23

Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: Ukwenza lokhu ngagunya lini na ? Futhi ngubani okunike leli gunya na?

U-Amose 5:19

Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama , kuhlangane naye ibhere , noma engena endlini encike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.

U-Eksodusi 28:29

U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa -Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlul ela phezu kwenhliziyo yakhe , nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.

U-Eksodusi 28:30

Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela i-Urimi neThumimi, ahlale phezu kwenhliziyo ka -Aroni, nxa engena phambi kukaJehova ; u-Aroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwa-Israyeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.

U-Eksodusi 28:35

U-Aroni makalembathe eyokhonza; ukukhenceza kwalo kuyakuzwakala , nxa engena endaweni engcwele phambi kukaJehova , nanxa ephuma, ukuze angafi.

U-Eksodusi 33:9

Kwathi uMose engena etendeni , insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.

UGenesise 38:9

U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe ; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo.

UGenesise 39:11

Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe , kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,

UGenesise 6:4

Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni , nangasemuva futhi , lapho amad odana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu , awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.

UHezekeli 26:10

Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe ibhuqu lawo liyakukusibekela , izingange zakho zizamazame ngomdumo wabamahhashi, nowokunamasondo, nowezinqola, lapho engena esangweni lakho njengalokhu kungenwa emzini ofohliweyo.

ULevitikusi 14:48

Uma umpristi engena azobheka , isifo singandile en dlini emva kokunamekwa kwendlu , bheka, khona umpristi uyakusho athi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo sipholile.

UMika 5:5

Ukuthula kuyakuba yilokhu : lapho umAsiriya engena ezweni lakithi , anyathele ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.

UMika 5:6

Bayakuchitha izwe lase -Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi , nalapho enyathela emikhawulweni yethu.

UNumeri 7:89

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.