Skip to Content

"engikuyala"

25 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:38

Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami , ngiyakuba nawe , ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.

U-Eksodusi 34:11

Qaphela lokh u engikuyala ngakho namuhla : bheka, ngixosha phambi kwakho ama -Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

U-Eksodusi 7:2

Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho ; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa -Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

UDuteronomi 11:8

Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

UDuteronomi 12:14

kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho , uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa , wenze khona konke engikuyala ngakho.

UDuteronomi 12:28

Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

UDuteronomi 13:18

nxa ulalela izwi lika Jehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla , wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

UDuteronomi 15:5

uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho kuphela, ugcine ukwenza yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.

UDuteronomi 19:9

uma ugcina yonke le miyal o ukuba uyenze , engikuyala ngakho namuhla , umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe njalo ngezindlela zakhe , wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu

UDuteronomi 27:10

Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunk ulu wakho , wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla. Izibusiso neziqalekiso zabakwa-Israyeli

UDuteronomi 28:1

Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

UDuteronomi 28:13

UJehova uyakukwenza ube yinhloko , ungabi ngumsila ; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi , uma uyilalela imiy alo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze,

UDuteronomi 28:14

nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.

UDuteronomi 28:15

Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.

UDuteronomi 30:2

ubuyele kuJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho,

UDuteronomi 30:8

Uyakubuya, ulilalele izwi likaJehova , uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.

UDuteronomi 4:40

Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle ku we, nakubantwana bakho emva kwakho , wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade. Ukwahlukaniswa kwemizi emithathu yokuphephela

UDuteronomi 6:2

ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho , ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho , wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho , kwandiswe imihla yakho.

UDuteronomi 6:6

Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho,

UDuteronomi 7:11

Ngalokho uyakugcina imiyalo , nezimiso, nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla ukukwenza.

UDuteronomi 8:11

Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe , nezahlulelo zakhe , nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,

UGenesise 27:8

Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami kulokhu engikuyala ngakho.

UJeremiya 1:17

Ngalokho bopha izinkalo zakho , usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo , funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.

UJeremiya 1:7

Kepha uJehova wathi kimi : Ungasho ukuthi ungumntwana , ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo , nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.

UJeremiya 26:2

Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.