Skip to Content

"enginiyala"

10 occurrences in ZUL

NgokukaJohane 15:14

Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.

UDuteronomi 11:13

Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,

UDuteronomi 11:22

Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulu nkulu wenu , nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,

UDuteronomi 11:27

isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla,

UDuteronomi 11:28

nesiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu , kepha niphambuka end leleni enginiyala ngayo namuhla , ukulandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.

UDuteronomi 12:11

kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho : iminikelo yenu yokushiswa , nemihlatshelo yenu , nokweshumi kwenu , nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu , nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;

UDuteronomi 12:32

Konke enginiyala ngakho , anoqaphela ukuba nikwenze ; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.

UDuteronomi 27:4

Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka.

UDuteronomi 4:2

Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo , ninganciphisi futhi kulo , ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.

UJeremiya 11:4

engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe , isithando sensimbi, ngokuthi: Zwanini izwi lami , nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,