Skip to Content

"enqoleni"

19 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:35

Ukulwa kwaqina ngalolo suku ; inkosi yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu, yafa ngakusihlwa; igazi lenxeba laphalazeka phansi enqoleni.

1 uSamuweli 6:10

Abantu benze njalo ; bathatha izinkomo ezimbili ezincelisayo , bazibophela enqoleni, bazivalela amankonyane azo ekhaya,

1 uSamuweli 6:11

bawubeka umphongolo kaJehova enqoleni kanye nebhokisi lamagundane egolide nemifanekiso yamathumba abo.

1 uSamuweli 6:7

Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo , nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo,

1 uSamuweli 6:8

nithathe umphongolo kaJehova, niwubeke enqoleni, nifake impahla yegolide eniyibuyisela kuye ibe ngumnikelo wecala ebhokisini eliseceleni kwawo , niyimukise, ihambe.

2 AmaKhosi 10:15

Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye : Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na ? Wathi uJehonadaba: Yebo. Wathi uJehu: Uma kunjalo , nginike isandla sakho . Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.

2 AmaKhosi 10:16

Wayesethi: Hamba nami , ubone ukushisekela kwami uJehova . Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.

2 AmaKhosi 5:21

UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe , wehlika enqoleni ukumhlangabeza , wathi: Nisahlezi kahle na?

2 AmaKhosi 5:26

Wayesethi: Ayiyanga yini inhliziyo yami , lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?

2 AmaKhosi 9:24

UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke , wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe , umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.

2 AmaKhosi 9:27

U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esebone lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela , wathi: Mbulaleni naye enqoleni yakhe. Benze njalo -ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu . Wabalekela eMegido, wafela khona.

2 iziKronike 18:34

Ukulwa kwaqina ngalolo suku ; inkosi yakwa -Israyeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama -Aramu kwaze kwaba kusihlwa , yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.

2 iziKronike 35:24

Izinceku zayo zayikhipha enqoleni , zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema ; yafa, yembelwa emathuneni awoyise . Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.

AbAhluleli 4:15

UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki ; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:12

Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibek a enqoleni yabantu benkosana yami. Abangane:

IzEnzo 8:28

ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya.

UGenesise 41:43

Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe , bathi: Guqani! Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.

UMika 1:13

Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane , nina enakhileyo eLakishi ; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni , ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.

UZakariya 6:2

Enqoleni yokuqala kwakukhona amahhashi abomvu , nasenqoleni yesibili amahhashi amnyama,