Skip to Content

"esakhuluma"

29 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:22

Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi.

1 AmaKhosi 1:42

Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi : Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla ; uze nodaba oluhle.

1 uSamuweli 14:19

Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: Susa isandla sakho.

1 uSamuweli 17:23

Kepha esakhuluma nabo , bheka, kwenyuka iqhawe elik hulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.

2 AmaKhosi 6:33

Esakhuluma nawo , bheka, inkosi yehlela kuye ; yathi: Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?

2 iziKronike 25:16

Kwathi esakhuluma naye , wathi kuye : Sikubeke umluleki wenkosi na ? Yeka, ubuyakubulawelani na? Wayeseyeka umprofethi, wathi: Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa , ngokuba wenzile lokho , ungalalelanga isiluleko sami.

IzEnzo 10:27

Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene.

IzEnzo 10:44

Kwathi uPetru esakhuluma lawo mazwi , uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.

IzEnzo 24:25

Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo , uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,

NgokukaJohane 8:30

Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye.

NgokukaLuka 11:27

Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.

NgokukaLuka 11:37

Esakhuluma, umFarisi wammema ukuba adle naye ; wangena, wahlala ekudleni.

NgokukaLuka 22:47

Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku ; naye othiwa uJuda , omunye wabayishumi nambili , wayehamba phambi kwabo , wasondela kuJesu ukumanga.

NgokukaLuka 22:60

Kepha uPetru wathi : Muntundini, angikwazi ukuthi uthini . Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.

NgokukaLuka 8:49

Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge , wathi kuye : Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.

NgokukaLuka 9:34

Esakhuluma lokhu , kwafika ifu , labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini.

NgokukaMarku 14:43

Khona masinyane esakhuluma , kwafika uJuda , omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku , sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga.

NgokukaMarku 5:35

Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge , bathi: Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?

NgokukaMathewu 17:5

Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza ; bheka, kwavela izw i efwini, lathi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.

NgokukaMathewu 26:47

Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda , omunye wabayishumi nambili , enesixuku esikhulu sinezinkemba nezind uku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.

NgokukaMathewu 9:18

Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: Indodakazi yami ifa khona manje ; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.

U-Eksodusi 16:10

Kwathi u -Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa - Israyeli, babheka ngasehlane ; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.

UDaniyeli 8:18

Esakhuluma nami , ngalala ubuthongo obukhulu , ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.

UGenesise 29:9

Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngokuba wayezalusa.

UGenesise 39:10

Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku , akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.

UHezekeli 2:2

Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi , wangimisa ngezinyawo zami , ngamuzwa owakhuluma kimi.

UJobe 1:16

Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku , waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.

UJobe 1:17

Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: AmaKaledi enza amaviyo amathathu, ahlasela amakamela , awathatha, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.

UJobe 1:18

Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo;