Skip to Content

"eseyiri"

14 occurrences in ZUL

2 iziKronike 20:23

Abantwana bakwa -Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa.

AbAhluleli 3:26

U-Ehudi waph unyuka zisalinda , wadlula endaweni yezithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri.

AbAhluleli 5:4

Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri , ekusukeni kwakho ezweni lakwa- Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.

UDuteronomi 1:44

Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela , anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.

UDuteronomi 2:12

AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala , kepha abantwana bakwa -Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo , bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe , aphiwe lona nguJehova.

UDuteronomi 2:22

njengalokho ebenzela abantwana bakwa -Esawu ababehlala eSeyiri , lapho ewachitha amaH ori phambi kwabo , bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube namuhla;

UDuteronomi 2:29

njengalokho bangenzela abantwana bakwa -Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e -Ari, ngize ngiwele iJordani , ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.

UDuteronomi 2:4

Yala abantu ngokuthi : Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,

UDuteronomi 2:8

Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yase -Araba, ne-Elati, ne-Esiyoni Geberi. Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.

UDuteronomi 33:2

UJehova wavela eSinayi , wabaphumela evela eSeyiri , wanyampuza entabeni yasePharanu , weza ephuma ezigidini zendawo engcwele ; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.

UGenesise 33:14

Ake idlule inkosi phambi kwenceku yayo , mina ngiseseze njengokuhamba kwempahla ephambi kwami nanjengokuhamba kwabantwana , ngize ngifike enkosini yami eSeyiri.

UGenesise 33:16

U-Esawu wayesebuyela endleleni yakhe ngalolo suku, waya eSeyiri.

UJoshuwa 11:17

kusukela entabeni yaseHalaki kwenyukela eSeyiri , yebo, naseBali Gadi esigodini saseLebanoni ngaphansi kwentaba yaseHermoni ; onke amakhosi abo wawathatha, wawagenca, wawabulala.

UJoshuwa 12:7

Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nangabantwana bakwa- Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonal anga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike entabeni yaseHalaki eyenyukela eSeyiri , uJoshuwa walinika izizwe zakwa-Israyeli libe yifa ngokwezabelo zabo