Skip to Content

"esezwa"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:41

U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi : Ngowani lo msindo wokuxokozela emzini na?

1 AmaKhosi 20:12

Kwathi esezwa leli zwi , ephuza kanye namakhosi emadokodweni , wathi ezincekwini zakhe: Mayiphume. Yayisiphuma ukulwa nomuzi.

1 uSamuweli 4:6

AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu lamaHeberu na ? Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.

2 AmaKhosi 11:13

U-Athaliya esezwa ukumemeza kwabalindi nokwabantu waya kubantu endlini kaJehova,

2 iziKronike 15:8

Lapho u -Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika -Azariya ka -Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi , wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i- altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.

2 iziKronike 23:12

U-Athaliya esezwa ukumemeza kwabantu begijima beyidumisa inkosi, waya kubantu endlini kaJehova,

2 uSamuweli 11:26

Umka-Uriya esezwa ukuthi u -Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe.

2 uSamuweli 12:18

Kwathi ngosuku lwes ikhombisa umntwana wafa . Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile , ngokuba zathi : Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye , akalalelanga izwi lethu ; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.

2 uSamuweli 18:14

Wayesethi uJowabe : Anginakulibala kanje nawe . Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.

KwabaseKolose 1:9

Ngalokho nathi , kusukela osukwini esezwa ngalo , asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,

NgokukaJohane 19:13

Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.

NgokukaLuka 23:6

UPilatu esezwa lokho wabuza ukuba lowo muntu ungowaseGalile yini.

UGenesise 27:34

U-Esawu esezwa amazwi kayise wakhala nokukhala kamunyu impela, wathi kuyise: Ngibusise nami, baba!

UJoshuwa 5:1

Kwathi onke amakhosi ama -Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela , izinhliziyo zabo zaphela amandla , kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

UJoshuwa 9:1

Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani , ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,

UNumeri 22:36

UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza , waphuma ukumhlangabeza e -Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.