Skip to Content

"esho"

12 occurrences in ZUL

1 kaJohane 4:20

Uma umuntu esho ukuthi : Ngiyamthanda uNkulunkulu , kepha ezonda umzalwane wakhe , ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

1 uSamuweli 20:7

Uma esho ukuthi : Kulungile, inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi.

2 uSamuweli 15:26

kepha uma esho kanje, ethi: Angithokozi ngawe, bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.

EkaJakobe 1:26

Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa , engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.

KumaHeberu 4:7

uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla , esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi : Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.

KumaHeberu 5:6

njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi: Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki,

KwabaseRoma 4:6

njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi:

KwabaseRoma 9:25

Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi: Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami, nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;

NgokukaMarku 14:39

Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi.

NgokukaMathewu 21:3

Uma umuntu esho utho kini , anothi: INkosi iyazidinga ; uyakuzithumela masinyane.

NgokukaMathewu 26:44

Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi.

U-Isaya 28:12

akade esho kubo ukuthi : Lokhu kungukuphumula ; phumuzani abayethileyo; lokhu kungukuhlunyelelwa, Kepha abathandanga ukuzwa.